IBUKEKA isaqhubeka impi yezikhundla enhlanganweni ebusayo i-ANC, njengoba sekuvele izindaba zokuthi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, ezaManzi nokuThuthwa kwendle, uNksz Lindiwe Sisulu, ubhekene nezinsolo zokuzama ukuketula uMnuz David “DD’’ Mabuza oyiphini likamengameli.
Lezi zinsolo ezibucayi zivele encwadini ebhalwe wumuntu ongadalulwanga efaka isikhalo kuMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
Incwadi kuthiwa isola uNksz Sisulu ngokuqasha abantu abathile emnyangweni wakhe ukuze aqinise ukwesekwa kwakhe emkhankasweni wokufuna amandla.
Kusolwa ukuthi njengoba ebuyise uNksz Bathabile Dlamini ukuba azoba ngusihlalo webhodi yophiko lomnyango wenzela khona ukwesekwa yi-ANCWL uma eseqhuba umkhankaso wakhe wokufuna ukuba yiphini likamengameli.
Incwadi iveza ukuthi uNksz Sisulu ucuphe ukuthi uMabuza aketulwe engqungqutheleni ebizwa ngeNational General Council ezoba ngonyaka ozayo.
Kusolwa ukuthi uNksz Sisulu uhlela ukuthi amvukele esisiwini njengotshwala uMabuza kuleyo ngqungquthela bese emketula esevele esenakho ukwesekwa ngabaningi ngaphakathi enhlanganweni.
Le ncwadi kuthiwa iphinde idalule ukuthi uNksz Sisulu uzosebenzisa izinsolo zenkohlakalo ezilandela uMabuza kusukela esewundunankulu waseMpumalanga.
UNksz Sisulu uke waba sembangweni wesikhundla sikamengameli owagcina unqotshwe wuMnuz Cyril Ramaphosa emuva kokuba uNksz Sisulu ehoxe ingakaqali ingqungquthela.