UMCULI kamaskandi uMjikijelwa ohlaselwe wukugula okungaqondakali ekuqaleni konyaka, okuthiwa bekumxina kakhulu uma ethi uyaqopha e-studio noma eshayela imoto. Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMCULI kamaskandi uMjikijelwa ohlaselwe wukugula okungaqondakali ekuqaleni konyaka, okuthiwa bekumxina kakhulu uma ethi uyaqopha e-studio noma eshayela imoto. Isithombe: DOCTOR NGCOBO
UKUXINWA wukugula kwesihlabani sikamaskandi uMjik’jelwa ‘Ichalaha LikaShafuza’ Ngubane sekuthanda ukuzwela kubalandeli njengoba sekuphazamiseka nezinhlelo. Omunye wabo ngumfundi waseMfolozi TVET College eMandeni Campus uLihle Mngomezulu (20) waseJozini oze wabhala inkondlo esisabalele nasezinkundleni zokuxhumana lapho elilela iChalaha ukuba libuye. ULihle uthe kubaphethe kabi kakhulu ukungalulami kweChalaha ngoba beyiZihonga (okungabalandeli bakaMjik’jelwa) bayafa yindlala yomculo.
Uhlaselwe wukugula okungaqondakali ekuqaleni konyaka, okuthiwa bekumxina kakhulu uma ethi uyaqopha e-studio noma eshayela imoto. Wathi izinyawo zakhe zivele zibe buhlungu, ziqaqambe sengathi kukhona into ezihlabayo nezishisayo futhi akhukhunyalelwe yisisu. Ababengakholwa, bahlengezela izinyembezi sebembona emcimbini obuseCurries Fountain Stadium, eThekwini ngenyanga edlule ngendlela ayekhandleke ngayo emzimbeni.
Enkondlweni esamthandazo uLihle uyabalisa kuMdali ukuba aphilise uMjik’jelwa ngoba bayilindele iCD yakhe, okufanele engabe yaphuma ngePhasika.
UMLANDELI kaMjik’jelwa oze waqamba inkondlo ngokungalulami kwalo mculi uLihle Mngomezulu
“Ngiqale ukubhala izinkondlo ngenza uGrade 9. Ngangihaya izinkondlo zesiZulu nesiNgisi esikoleni kodwa kwangaba yinto engiyinake kakhulu ngoba bengigxile kakhulu ezifundweni. Sengiphinde ngabuyelwe wugqozi lwazo ngoba phela ikhono yinto ongeke uyilahle, lihamba livuke.”
ULihle, obuye aziwe ngelikaZimdollar, uthe inkondlo seyimakhele ugazi kubalandeli abaningi bakamaskandi kangangoba sekukhona abamgqugquzela ukuba abuyele ebumbongini ukuze agcine esekhiphe icwecwe. Induna yeZihonga, uSoh Mkhonza, ithe bayithande kakhulu inkondlo kaLihle ngoba ibabuyisela ithemba ngoMjik’jelwa. “Nathi siyameseka futhi siyafisa aphumelele kuleli khono ngoba uphiwe.”
USoh uthe uMjik’jelwa uyalulama kodwa kubuye kuqale phansi ukugula. “Ngike ngakhuluma naye wathi useluleme.” Uthe kubaphazamisile ukungaphumi kweCD kaMjik’jelwa ngoba bawulambele umculo wakhe futhi bazimisele ukuphuma ngobuningi babo kwiMpucuzeko Maskandi Festival nasemicimbini okuqashwe kuyo uMjik’jelwa. Uthe sebeqalile ukumbeka emithandazweni uma behlangene emagatsheni eZihonga.