UNGQONGQOSHE wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi uthi ujabule ngesibalo sabafundi abaphase umatric ngo-2020 kulesi sifundazwe.
Ngokwezibalo ezimenyezelwe wuNgqongqoshe wezeMfundo kuleli uNkk Angie Motshekga izolo, kuphase u-83.8% wabafundi bakamatric eGauteng, okuyibeke endaweni yesibili ngezinga lokuphasa kuleli ilandela ngemuva iFree State (85.1%).
ULesufi uthe ujabule kakhulu ngokuzuzwe abafundi baseGauteng kwazise u2020 bekuwunyaka onzima kubo, kothisha kanye nakubazali ngenxa yeCovid-19 ebihambisana nezigaba zokuvalwa kwezwe.
“Ezikoleni eziyishumi ezihambe phambili, eziyisithupha ngezaseGauteng, ngijabule kakhulu. Sinyuse nesibalo sabafundi abathole ibachelor pass esesisondele ku-50 000 sisuka ku-43 000. Bazobe begcwele emanyuvesi ahlukahlukene kuleli,” kusho uLesufi.
1/2 Thank you so much Gauteng Citizens, our learners scored the following:
— Panyaza Lesufi (@Lesufi) February 22, 2021
- The 2nd Position overall in the country
- Six of our districts are in the Top Districts in the country
- Our Bachelor passes increased from 43494 to 49680
- Our distinctions increased from 37422 to 41459 pic.twitter.com/GICPOgWnec
2/2 My sincere gratitude to all our educators, SGBs, Teacher and Learner Formations, Religious Bodies, Team GDE and the entire Gauteng Leadership under stewardship of our Premier @David_Makhura We will continue to work hard. But the support is truly appreciated @educationgp pic.twitter.com/CpMh52pANL
— Panyaza Lesufi (@Lesufi) February 22, 2021
Nakuba iGauteng neFree State benze kahle uma beqhathaniswa no-2019, izifudazwe eziningi zithwale kanzima. Kwezinye izifindazwe kwehle isibalo sabaphasile ngo-10%. Uma kubalwa izifundazwe zonke kuphase u-76.2% wabafundi eNingizimu Afrika okuyisibalo esehle ngo-5% kwesango-2019.
UMotshekga naye uzwakalise ukuziqhenya ngalesi sibalo izolo eveza ukuthi akukho abangakhala ngakho bewumnyango njengoba bekufundwa ngaphansi kwezimo ezinzima nyakenye. Uthe usazokhuluma nongqongqoshe bezifundazwe ezehlelwe yisibalo sabafundi abaphasile.
“Kunezifundazwe ezehlelwe yisibalo sabaphasile kakhulu, kuzomele sikhulume nazo ukuthola ukuthi ngaphandle kweCovid-19, yiziphi ezinye izingqinamba ezidale ukuthi sehle kangaka isibalo sabaphasile,” usho kanje.