Izindaba

ULesufi nohlelo olusha lwezinombolo ezintsha zezimoto

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi kanye nomphathiswa wezoMgwaqo nezokuThutha uKedibone Diale-Tlabela bathula uhlelo olusha, olusezingeni eliphezulu lwezobuchwepheshe, lokungaphazamiseki nezinombolo zamapuleti esifundazwe.

Image: Sigciniwe

UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi kanye nomphathiswa wezoMgwaqo nezokuThutha uKedibone Diale-Tlabela bathula uhlelo olusha, olusezingeni eliphezulu lwezobuchwepheshe, lokungaphazamiseki nezinombolo zamapuleti esifundazwe.

ULesufi uthi izinombolo zomgunyathi nezimoto ezingenazo izincwadi ezifanele yizona zinto ezibhebhethekisa ubugebengu esifundazweni, ikakhulukazi emacaleni okuthumba nokubulala ngoba izigebengu zishintshashintsha amapuleti azo futhi zihamba ngezimoto ezingenawo amaphepha.

Uthe lolu hlelo olusha luzosiza iziphathimandla zezomthetho ukulwa nobugebengu obuthinta lolu hlobo lwezimoto.

Lesi simemezelo sokwethulwa kulandela ukuhlola kwesifundazwe uhlelo olusha ngezimoto zikahulumeni onyakeni wezimali wezi-2024/25.

Uhulumeni wesifundazwe ubengakaze athi vu ngokwethulwa esidlangalaleni kohlelo olusha lwezinombolo zamapuleti kuze kube manje.

Lolu hlelo lwesekwa ungqongqoshe wezokuThutha waseNingizimu Afrika u-Barbara Creecy owayalela ukuthi izimoto zikaHulumeni wesiFundazwe saseGauteng zihambisane nemibandela yamanje yezinombolo zamapuleti.

"Inhloso yohlelo olusha lwezinombolo ze-GP, olunezici zokuphepha ezithuthukisiwe kanye nezinguquko ezihlobene nalo, ukuthuthukisa indlela iziphathi mandla zezomthetho zibona ngazo izimoto nobunikazi bazo ukuze kunciphe ubugebengu," kusho ungqongqoshe.