ULAXAZWE wummeli umndeni wenduna yaseZwelibomvu obhekene necala lokusoconga usihlalo wegatsha le-ANC eThekwini ngo-2018.
Izolo kuleli cala lokubulawa kukaMnuz Thulani Nxumalo ebeliseNkantolo yeMantshi ePinetown, bekuvele abasolwa okuyinduna, uMnuz Felokwakhe Ndlovu, inkosikazi yakhe, uNkk Sibongile Ndlovu, nendodana yabo, uMnuz Lindokuhle Ndlovu, nosigaxamabhande abasolwa ngokwamukela intshontsho, uLt Colonel Khephu Ndlovu, uCaptain Sibonginkosi Dlamini. Kuvele nokuthi ummeli kaNkk Dlamini noLindokuhle uyahoxa ekutheni abamele ngoba umele uNdlovu (Felokwakhe)
Ummeli obemele umndeni wakwaNdlovu, uMnuz Lourens De Klerk, uthe angeke asakwazi ukumela inkosikazi yenduna, uNkk Ndlovu, nendodana yakhe, uLindokuhle, kuzomele bathole owabo ummeli.
“Sekuzomele bazitholele omunye ummeli njengoba ngizomela induna ebhekene necala lokubulala, angeke ngimele umndeni wonke ngoba kuzoba nokungqubuzana,” kusho uDe Klerk.
Amaphoyisa abhekene necala lokwamukela intshontsho kuNkk Ndlovu kanti induna, uMnuz Ndlovu, ibhekene necala lokubulala. Indodana yenduna ibhekene necala lokufihla isibhamu esabulala usihlalo wegatsha we-ANC, uMnuz Thulani Nxumalo.
IMantshi, uMnuz Muntukayise Khumalo, ithe sekuzoba kuNkk Ndlovu nendodana yakhe ukuthi bazothola ummeli abazomkhokhela, uma bengenaye, bafake isicelo sommeli kahulumeni.
“Nizonikezwa isikhashana sokuthola ummeli ozoqhubeka nokunimela ecaleni kuze kuba uJanuwari 21.”
UNkk Ndlovu uthe usazoxhumana nabomndeni kodwa uzozitholela ummeli lingakapheli leli sonto.
UMshushisi, uMnuz Lawrence Gcaba, uthe kuwumqondo omuhle ukuthi umndeni ungabi nommeli oyedwa.
“Ngiyethemba ukuthi ngezi-21 niyobe seninaye ummeli ozoqhubeka necala,” kusho uGcaba
Imantshi ithe kubalulekile ukuthi batshele abameli abazobathola ukuthi leli cala seliqhubeke isikhathi eside, nokuthi bayadingeka ukuvela enkantolo ngoJanuwari 21 ukuze bezozilungiselela icala elihlelele ukuqulwa ngoMashi 22 kuya ku 25.