UMSAKAZI wesiteshi somphakathi iNongoma 88.3 FM, uNkokhelo Msomi, ushiye isigubukane uhlelo lwezindaba abelwethula kulesi siteshi ngoba esefuna ukungenela ukhethelo lokuchibiyela.
UNkokhelo (27) waseManzamakhulu futhi obenza uhlelo oluthi Selintaba Zimbomvu uthe uzongenela ukhetho ngaphansi kwe-EFF abesenonyaka eyijoyinile.
U-ward 20 ngaphansi kumasipala waKwaNongoma bese kuphele izinyanga ezine ungenalo ikhansela ngemuva kokuboshwa kobeyikhansela uZamani Sibiya owagwetshwa iminyaka eyisithupha ngokubhadanywa nezinkomo eVolkrust eMpumalanga.
Ukhetho lokuchibiyela luzokuba ngoNovemba 7.
“Ngithathe isinqumo sokungenela ukhetho ngenxa yokunxenxwa wumphakathi wangakithi ngoba ubona kugqoza ukulethwa kwentuthuko kule ndawo yangakithi. Bengithanda ukungenela ngokuzimela kodwa kwangiphoqa ukuthi ngingene ngaphansi kwe-EFF.”
Uthe ukushayela uhlelo lwezindaba kumkhulisile kwipolitiki njengoba abehlangana nabaholi abahlukahlukene futhi ebapheka ngemibuzo.
Umphathisiteshi weNongoma uSiboniso Zulu uthe balahlekelwe kakhulu ngokushiya kukaNkokhelo.
Uthe indawo yalo msakazi izovalwa nguDumisani Zikhali.
“Bekumnandi ukusebenza noNkokhelo, okhombise izimpawu zokuba ngumholi oqotho ngokulekelela, ukukhuthaza nokwethembeka kulo msakazo,” kusho uSiboniso.
Uthe beyiNongoma FM bazokwenza isiqiniseko sokuthi bethula uhlu lwabangenele ukhetho ukuze kusizakale umphakathi waku-ward 20 futhi bazolokhu bewazisa ngokuqhubekayo ngokhetho.