ULamola ukhiphe uhlu lwendlela okumele lusetshenziswe ukulwa namacala asilele ngemuva.
“Zonke izinkantolo kumele zisebenze ngokujwayelekile kodwa kulandelwe imithetho yophethe amajaji nokulandela imithetho yezempilo. Kuzoba nohlu lwamacala amqoka ezobugebengu okumele asheshe enziwe, ngokubonisana nabashushisi iNational Prosecuting Authority (NPA) nabameli besihle iLegal Aid South Africa,” kusho uLamola.
Ufake ohlwini amacala okumele abe semqoka, aqulwe ngokushesha ezinkantolo.
Kulawo macala kubalwa aneziboshwa ezitokile, amacala aselungele ukuqulwa, asake alalelwa, amacala okumele agwebe.
Amanye amacala okuthiwa kumele ahambe phambili ngawokuhlukunyezwa kwabesifazane, udlame, amacala abucayi okuphula imithetho yomvalelandlini.
Uthe kuzoba nemihlangano njalo ngamasonto ukuze abathintekayo babonisane ngokuthi inkantolo ngayinye imaphi amacala okumele iwenze.
Lokhu kulandela ukubuzwa yilungu leDA ePhalamende, uMnuz Werner Horn, ngenyanga edlule ngamacala obugebengu asilele emuva ezinkantolo.
ULamola uthe awu-194 225 amacala asilele emuva ngesikhathi kuqala unyaka wezimali ngo-Ephreli.
Uthe kube khona amanye amacala awu-70 667 afike ezinkantolo phakathi kuka-Ephreli noMeyi kunomvalelandlini.
ULamola uthe kuzophepha ezinkantolo kulandelwe imithetho yokuqhelelana nokugeza izandla.
Uthe njalo uma kutholwa umsebenzi noma ilungu lomphakathi elisebenzise inkantolo lihaqwa iCorona, kuzokhucululwa enkantolo ngaphambi kokuba isetshenziswe.