KUQINISWE imithetho ezindaweni okubhebhetheka kuzo iCovid-19.
UMengameli Cyril Ramaphosa izolo ekhuluma nesizwe uthe singasigwema isivuvu sesibili segciwane ngokuthi kulandelwe imigomo ebekwe uhulumeni.
URamaphosa uthe ngoLwesithathu babe ngaphezu kuka-4 000 abantu okutholakale ukuthi baneCorona.
“Kunezindawo ezintathu okuvela izibalo eziphezulu zabantu abatheleleka ngegciwane. Lezo zindawo yiNelson Mandela Bay, Sarah Baartman ezise-Eastern Cape, neGarden Route eWestern Cape. Izona okwanda kakhulu ukutheleleka kwabantu nokushona kwabo,” kusho uRamaphosa.
Uthe ngokocwaningo bathole ukuthi ukuhlangana kwabantu nokungalandeli imigomo yezokuphepha kuholela kule nkinga.
“Ukuhlangana kwabantu emicimbini, emingcwabeni, nasemabandleni kuba yilapho betheleleka khona kakhulu. Ukuhlangana kwabantu ezindaweni ezivalekile, ezingangeni umoya ngendlela yikhona okubhebhezela igciwane. ENelson Mandela Bay kubikwe kakhulu ngabantu abangeniswa ezibhedlela ngenxa yezigameko zokulimala ezidalwa utshwala,” kusho uRamaphosa.
Uthe yize abantu belandela imithetho kodwa bakhona abangenandaba nayo.
“Okukhulu ukuthi abantu abazigqoki izifonyo futhi abazigezi izandla. Inkinga enkulu esinayo ukuthi kukhona izindawo ezinabantu abangayilandeli nhlobo imithetho.
Manje umsebenzi osimele owokunqanda lesi simo, ukuze singabi nesimo esifanayo kwezinye izindawo,” kusho uRamaphosa.
Uthe eNelson Mandela Bay bazoqinisa umthetho.
“INelson Mandela Bay Metro kusukela phakathi kwamabili sizoyifaka ngaphansi kwendawo eyisizinda segciwane. Kusukela ngo-10 ebusuku nango-4 ekuseni akuvumelekile ukuthi abantu baphume ezindlini ngaphandle kwalabo abenza imisebenzi ebucayi. Utshwala buzothengwa kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama ngoMsombuluko kuya kuLwesine. Kuvaliwe ukuhlangana kwabantu uma kukade kunemingcwabo. Emicimbini kuvumeleke abantu abangu-100 uma ingaphakathi nabangu-250 uma ingaphandle. Lokhu sikwenzela ukunqanda isimo esisibona kuleya ndawo ukuze singabhebhetheki,” kusho uRamaphosa.
Uthe eNelson Mandela Bay ngeke kuvunywe nhlobo ukuba kusokwe.
“Lokhu asikwenzeli ukujezisa abahlala kule ndawo kodwa ukubavikela.”
Ukufakwa kwezwe ngaphansi kwesigaba sezinhlekelele kuzoqhubeka kuze kube unyaka ozayo. Kumanje isizwe siyaqhubeka nokuba ngaphansi kwesigaba sokuqala
sikathaqa.
URamaphosa uthe abaphula imithetho kathaqa bazobhekana nolaka lomthetho, bazoboshwa.
URamaphosa uthe njengoba kuzoba amaholidi kaKhisimusi, kuvakashelwa abangani nezihlobo kumele kuqikelelwe ukuthi kuphephile.
Uthe abantu kumele bangakhohlwa wukuthi kushone abazali, abangani nezihlobo ngenxa yegciwane ngakho kumele siqhubeke nokuvikelana.
“Sisengakwazi ukunqanda igciwane njengoba senza ngaphambilini.”
Unxuse osomatekisi ukuthi baqinisekise ukuthi abagibeli bafaka izifonyo.