KUME yonke into umphakathi waseJadhu Place eSpringfield eThekwini ukhala ngezindlu owazithenjiswa.
Umphakathi wakule ndawo uvale umgwaqo ngamatshe nangamathayi avuthayo kusukela izolo ngo-1 entathakusa.
Ilungu lomphakathi elihlala kule ndawo, elicele ukuba igama lalo ligodlwe ukuze lingahlukunyezwa, lithe bakhathele yizethembiso ezingafezwa.
“Sibaningi esidubulekile ngezinhlamvu zenjoloba ngesikhathi sivimbe emgwaqweni. Into ebesiyifuna yizindlu esathenjiswa zona. Amaphoyisa abedubula nasezindlini,” kusho ilungu lomphakathi.
Kule ndawo kukhona olindela nemijondolo.
“Bathi ngo-2018 siyobe sesiphumile lana sesihlala ezindlini zethu. Sifuna luzwakale ulaka lwethu,” kusho elinye ilungu lomphakathi nalo elicele ukungadalulwa.
Okhulumela umphakathi, uMnuz Mlindeni Mkhize, uthe baneminyaka ecela kwengu-28 behlala kule ndawo becela izindlu kodwa bengaphumeleli.
“Sibone ukuthi uma singena emgwaqweni kungenzeka isikhalo sethu sizwakale. Sesize saba nabazukulu sihlala kulezi zindlu,” kusho uMkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa abizwe ukuzoqapha isimo ngemuva kokuthi amalungu omphakathi abalelwa ku-160 eqale umbhikisho.
Amaphoyisa athe bakhona ababoshiwe kodwa isibalo sabo besingakaqinisekiswa izolo.
Imizamo yokuthola ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mahomed Hassan Haniff, ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ephawula kwiDaily News enguzakwabo weSolezwe uthe abahlali badlulisela izikhalo zabo ehhovisi lemeya elathinta uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngalolu daba.
“Yomibili le minyango ayikwazanga ukufinyelela esivumelwaneni kwase kuqala ezinye izingxoxo ezintsha phakathi kwayo nabahlali,” kuphawula ikhansela.