NKOSIKHONA CELE
WETHUSE abaningi owesifazane waseMlaza, elahla izingane zakhe ezingamawele ehlathini ngoba ethi ziyambambezela akasakwazi nokuya ebumnandini.
UNksz Nobuhle Cele (18) wakwaG eMlaza, eningizimu yeTheku, kuthiwa uthathe izingane ezinonyaka zizelwe, umfana nentombazane, wayozilahla ehlathini elikwaV, ngoba ethi ukhathele yizona ziyambambezela akasakwazi nokuzinwaya.
Ngenhlanhla kuthiwa ngesikhathi elahla lamawele, kukhona ombonile nokwazile ukuhlaba umkhosi wazisa nomndeni wakhe, wabe usuzilanda kuleli hlathi. Unina kuthiwa ngaleso sikhathi ubengasabonwa nangokhalo, eseshaye wachitha.
Kuthiwa unina ubuyele ekhaya ntambama esethi, "Hheyi kwaze kwashaya umoya. Umuntu usezoke aphile impilo emnandi futhi enokuthula ngaphandle kwalezi zinto ezingiqedela ubumnandi," kusho umthombo osondelene nomndeni walo wesifazane. Kuthiwa uNobuhle uthukuthele wagana unwabu uma amawele esewafica ekhaya.
UNksz Thobile Cele ongudadewabo kaNobuhle utshele leli phephandaba ukuthi vele udadewabo uhlale esho ukuthi akazifuni izingane, uyazizonda. Ukhala nangokuthi uyise wamawele wamlaxaza ekhulelwe, futhi uhlale embona epepenyeka namanye amantombazane elokishini.
Uthe uNobuhle uke wanyamalala ngoDisemba waze wabuya ngoJanuwari. Uma bembuza ukuthi uhamba kanjani ashiye izingane ezincane, wavele wabaphendula ngokuthi akathandi ukuba sendaweni eyodwa nazo ngoba azithandeki futhi ziyamlibazisa.
"Ngikhuluma nawe nje, yimina osephenduke unina wamawele. Angisazi ukuthi ngiyithini lento. Sekuphele amasonto amabili ngingayi emsebenzini ngigade wona njengoba uNobuhle ngingamazi ukuthi uphi," kubalisa uNksz Thobile Cele.
Udadewabo uthi uvamisile ukusho ukuthi “yena ngeke adlale umfana amkhulelise izingane ezingamawele ajike lapho angabe esafuna ukuzondla.”
Kuthiwa ngelinye ilanga uNobuhle wacasuka kakhulu wathatha abantwana wabayisa kubo kwesoka lakhe kwaM eMlaza. Kuthiwa uyise wazemukela kahle wathi ubesebakhumbule abantwana bakhe. Ngakusasa kuthiwa zombili izingane zatholakala zisemnyango kwaNobuhle, zikhala zinethwa yimvula ngoba uyise kusolwa ukuthi wanyonyoba kusihlwa wazishiya emnyango.
Lo gingqingongqo odlalwa ngubaba wamawele noNobuhle kuthiwa sewuqala nokukhathaza nomakhelwane baKwaCele.
Eziphendulela kulokhu unina wamawele uthe: "Nami angizenzi. Abafana bayadlala ngathi. Ngibenzenjani mina abantwana abangamawele uma noyise esebaphika," usho kanje maqede wavala ucingo.
USonhlalakahle osengenelele kulolu daba ocele ukungadalulwa igama kwazise akavumelekile ukuphawula kwabezindaba, uthe useke waxhumana nonina wamawele futhi uphila saka ekhanda. Uthe usola intukuthelo yokuzitshwa nguyise wabantwana njengomnyombo wokulahla kwakhe amawele.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uMnuz Mhlabunzima Memela, usigxekile isenzo salo wesifazane wathi ukulahla umntwana yicala elibomvu.
"Uma umntwana eseze wafika emhlabeni kuhle ukuthi asale esondliwa futhi athole ukunakekelwa okumfanele. Sizozama ukulandela lolu daba sibone ukuthi yikuphi lapho esingalekelela khona," usho kanje.
Wengeze ngokuthi wonke umuntu osuke esezelwe, unelungelo eligcwele lokudla anhlamvana.