Izindaba

Ukwesekwa ngabazali kuthela izithelo kogila izimanga (8) kwi-chess

Simangaliso Ntshangase|Published

UMFUNDI waseGlenmoe Primary, uHlelolwenkosi Ntshakala ukhula ngamandla kwi-chess

Image: SITHUNYELWE

UKUNGENELELA kwabazali ukusiza ngakho okudingekayo emdlalweni owaziwa ngokuthi owabantu abacabanga bajule ngengqondo i-chess. Iyona nto okubukeka ithela izithelo ezibonakalayo kuHlelolwenkosi Ntshakala, ogila izimanga kulo mdlalo esifundazweni.

Uyise walo mfana (8) ofunda uGrade 3 eGlenmore Primary, eThekwini, uMnuz Sipho Ntshakala, uthe izimpawu zothando lwalo mdlalo ziqale ukuvela ngonyaka odlule endodaneni yakhe, emva kokusizwa ngomunye wothisha bayo owayifaka kulo mdlalo.

"Kuqale kanjalo, kwakhula kangangokuthi bekuthi noma sizihlalele nje ekhaya kungonakele lutho, alokhu esibelesela ngalo mdlalo, esitshela ukuthi uwuthanda kangakanani nokuthi ufisa ukuhamba ibanga elide kangakanani ngawo, okwenze mina nomama wakhe sakhuthala ukuthi simlekelele kukho konke akudingayo ukuze achume ngawo," kusho uNtshakala.

Eqhuba, uNtshakala waseHillcrest, entshonalanga yeTheku, uthe ukuzikhandla komfana wakhe kulo mdlalo, kuthela izithelo ezibonakalayo njengoba eseqalile ukuwola izicoco ezahlukene kuwona, kanti futhi wenza kahle nasesikoleni - okwenza bakholwe wukuthi lo mdlalo usiza kakhulu ukuvula umqondo nokuwukhaliphisa.

UMFUNDI waseGlenmoe Primary, uHlelolwenkosi Ntshakala ukhula ngamandla kwi-chess

Image: SITHUNYELWE

Esikhathini esiwunyaka uHlelolwenkosi aqala ukudlala i-chess, useke wamela isifundazwe, futhi wenza kahle emincintiswaneni okukhona kuwona iMoja Chess Extravangaza eGoli, iMzansi Inter-Provincial Youth Chess Championship eLimpopo neKZN Open Chess Championship ebiseThekwini emasontweni ambalwa edlule.

"Sesize samtholela umqeqeshi waseZambia, omsizayo ukumfundisa okunye okuningi ngalo mdlalo, axhumana naye ngezinhlelo zokuchwepheshe besimanje ukumcija futhi amchushise kukho konke angangakwazi kahle nge-chess ngoba sifisa ukuthi leli khono aye kude ngalo empilweni ngoba kuyabonakala ukuthi yinto esemzweni yakhe.

"Sikhuthaza nabanye abazali ukuthi bangabayekeleleli abantwana babo abanamakhono ehlukene, kepha bafaka isandla lapho okudingeka khona ukuze bakhuthale ukuqhubeka nawo," kusho uNtshakala.