BAZOTHWALA kanzima uma sebethenga ukudla kukaKhisimusi abantu bakuleli njengoba ukunyuka kukaphethroli ngo-75 cents ilitha, kulindeleke ukuthi kwenyuse intengo yokudla.
UMnuz Mervyn Abrahams wenhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, uthe bebesajabula ukuthi igilosa yehle ngoR45.11 kule nyanga yaba wuR4272.44 isuka kuR4 317.56 ngo-Okthoba.
“Njengoba sekunyuke uphethroli ngo-81 cents kusho ukuthi intengo yokudla nayo izonyuka. Lokhu kudalwa wukuthi uphethroli nodizili usebenza kakhulu uma kutshalwa ukudla emapulazini noma sekuthuthwa kuyiswa ezimakethe nasezitolo. Izindleko zikaphethroli nodizili zizodlulela kubathengi. Kuzoba nzima kubantu bakuleli uma sebenza igilosa kaKhisimusi,” kusho u-Abrahams.
Uthe okunye okwenza impilo ibe nzima wukunyuka kwemali-mboleko (repo rate) ngo-0.25% okubeke i-prime lending rate (imali ekhokhelwa amabhange) yaya ku-10.25%.
Uthe lokhu kwenza abantu basale bengenayo imali eyanele ngoba kunyuke imali abayikhokha ezikweletini zabo kanti uma kunyuka ukudla kusho ukuthi bazothenga lokho okuyizidingongqangi, bangakwazi ukuthenga okunye.
Uthe ucwaningo lwabo lwenziwa kwabesifazane abenza igilosa ezifundazweni ezihlukene kuleli, abaveze ukuthi imali abanayo ayaneli igilosa yemindeni yabo.
“Isimo sinzima kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika ngoba abanayo imali eyanele yokuthenga igilosa. Umsebenzi ohola iholo eligunyaziwe uthola uR3 643,92 bese echitha uR2 075.50 awusebenzisa ukuthenga ugesi nokugibela uma eya emsebenzini. Usala noR1 568,42 okufanele athenge ngawo ukudla enze nezinye izidingo,” kusho u-Abrahams.
Uthe lokhu kuyakhombisa ukuthi impilo inzima kubantu baseNingizimu Afrika, kabakwazi ngisho ukuthenga ukudla okunomsoco.
Uveze ukuthi imindeni eminingi inabantu abaningi okukhona kubo abangasebenzi, abancike empeshenini yabadala, izibonelo zezingane bese kuba nabasebenzi abahola iholo elingatheni.
Ubuye wakhala ngesibonelelo sezingane ethi sincane kakhulu njengoba siwuR460 kwazise kubiza uR744.96 ukudla kwezingane okunomsoco okuhlala inyanga yonke.
Ucele uhulumeni ukuthi aluphathe ngobunono udaba lweCovid-19, angathathi izinqumo ezizoshaya umnotho nemisebenzi yabantu.
Uthe ezinye izinqumo zishaya kakhulu umphakathi bese uhulumeni ehluleka wukubhekelela abampofu.
Kulo nyaka uphethroli ubulokhu unyuke ngamalengiso, bese uma wehla, wehle kancane.
NgoJanuwari ubuwu R14.69, Febhuwari 15.50, Mashi R16.15, Ephreli R17.10, Meyi wehla ngo-9 cents waba wuR17.01, Juni wehla futhi waba wuR16.91, Julayi R17.20, Agasti R18.11, Septhemba R18.34, Okthoba ilitha lehla ngo-4 cents laba wuR18.30, ngoNovemba beliwuR19.54 ilitha, njengoba linyuke ngoR1.24. Kulindeleke ukuthi manje (Disemba) libe wuR20.35.
UMnyango wezaMandla nokuMbiwayo uthe kusukela namuhla uphethroli nodizili kuzonyuka kanje:
-Phethroli 93ne-95 kuzonyuka ngo-81 cents ilitha.
-Dizili 0.05% sulphur 72.50 cents ilitha bese udizili 0.005% unyuke ngo-74.50 cents ilitha.
-Pharafini 42.20 cents ilitha.
-Igesi R1.83 cents ikhilo.