UNGASE unyuke futhi uphethroli ekupheleni kuka-Okthoba njengoba intengo ka-oyela ongahluziwe ilokhu iphezulu.
Esitatimendeni esithunyelwe yi-Automobile Association (AA) ngoMsombulu, ithe u-oyela ubiziswa wukuthi kunokuxokozela eSaudi Arabia okuyizwe elikhiqiza u-oyela omningi emhlabeni jiekele.
“Siyajabula ukuthi irandi liyadlondlobala futhi nohulumeni kukhona akwenzayo ukuqinisekisa ukuthi uphethroli awunyuki kakhulu,” kusho i-AA.
Ithe ucwaningo lwayo luveza ukuthi uphethroli ungase unyuke ngo-40 cents ilitha ekupheleni kuka-Okthoba uma kuwukuthi isimo siyaqhubeka nokuxokozela eSaudi Arabia.
Udizili uzonyuka ngo-70 cents bese upharafini unyuke ngo-65 cents ilitha.
I-AA ithe akuqinisekisiwe ukuthi uzonyuka uphethroli ngoba bakhipha lentengo ngenxa yesimo esikhona ezimakethe zamazwe akhiqiza u-oyela njengamanje.
“Siyajabula ukuthi uhulumeni unemizamo yokuqinisekisa ukuthi uphethroli awunyuki njengoba ufuna imibono yezinhlaka ezihlukene embonini kaphethroli. Lokhu kuzosiza abathengi nomnotho wezwe ngoba ukunyuka kukaphethroli kuvimba ukukhula komnotho,” kusho i-AA.
Icele uhulumeni ukuthi eze nemithetho ezogqugquzela abatshalizimali ukuthi bafake imali yabo emnothweni waseNingizimu Afrika ukuze irandi lizosimama no-oyela uthengwe ngemali encane.
Isazi somnotho se-Efficient Group, uMnuz Dawie Roodt sithe okwamanje asiwuboni wehla uphethroli siyacela abantu baqhubeke nokubopha izifociya ngoba uyabiza kuyimanje uphethroli.
Sawubona mfundi weSolezwe. Sifisa ukunibonga ngokuseseka ngazo zonke izikhathi. Sifisa nazi nokuthi umbono wenu usho lukhulu kithi, yingakho sihlele ukwenza inhlolovo emfishane ukuthola kabanzi ukuthi nisajabule yini ngezindaba eniziphakelwa yiSolezwe.
Uma ungathanda ukuba yingxenye yale nhlolovo, sicela ungene kule link: http://bit.ly/2CL3JNY