AKUMELE uma wehlelwe yisigameko esibi, ukhale unophela ngoba isisu sisuke sisakudinga ukudla futhi akukhathalekile ukuthi uphatheke kabi kanjani.
Lona wumnyombo ogqugquzela uNksz Lisa Mthethwa nodadewabo uNksz Lona, abangabanikazi benkampani eyenza ama-smoothie, iFrutee Belliez, eyacekelwa phansi ngesikhathi kunezibhelu ngoJulayi nyakenye. Ngemva kwalokho baphoqeleka ukuthi basebenzele ekhaya, abangabe besakwazi ukuqhubeka nokukhiqiza okunye ngoba imishini yabo yacekelwa phansi ngesikhathi kushishwa indawo yokusebenzela, eHillcrest.
Izelamani zithi azizange zilibale ukukhala, zabuyela ekhaya zasebenza yize sezenzela abantu aba-odile kuphela. Lokhu kwakungenxa yokuthi ndawo yokugcina umkhiqizo, yayingasekho. Ngaso leso sikhathi bethula ngokusemthethweni uphiko olukhiqiza izinto zokunakekela izinwele, iLisalona Hair Products. Imikhiqizo yabo eyokunakekela izinwele zemvelo i-ezingafakiwe amakhemikhali, i-AFro.
UNksz Mthethwa (Lisa) uthi yena nodadewabo, banemiyeko (dreads) futhi bajwayele ukunakekela izinwele zabo abavamisile ukuya endaweni yokucwala izinwele.
" Ama-dread ethu aneminyaka engaphezu kuka-10 ekhona. Abantu bajwayele ukusibuza ukuthi siwanakekela ngani nokuthi kwenziwa yini singabi nenjibaba. Ukudonseka kwawo uma esemakhulu kwenza ukuthi abanye babe nenjibaba, noma izinwele zibe lula emsukeni wazo. Besijwayele ukubayalela izinto abangazihlanganisa ukuze izinwele zabo zibe zinhle kodwa abaningi bebebuyela bathi bahlulekile ukuthi bazihlanganisele sase sithatha isinqumo sokuthi sibadayisele," kusho uNksz Mthethwa.
Ngo-2020 bathi baqala badayisa kodwa kungeyona into abagxile kuyo kakhulu.
"Ukwanda kwabantu abathengayo kwenze ukuthi sibone ukuthi ikhona imakethe futhi abantu bayawuthanda umkhiqizo wethu. Sahlela ukuthi sizowethula ngokusemthethweni ngoJulayi ngonyaka odlule kanti asibuzanga elangeni,ngayo leyo nyanga kuzoba nezibhelu kushe ibhizinisi lethu esaqala ngalo iFruttee Belliez," kusho uNksz Lisa Mthethwa.
Uqhube wathi ngesikhathi izinsizakusebenza zabo zicekelwe phansi babona ukuthi abaqhubeke benze umkhiqizo wezinwele ngoba awudingi imishini eminingi.
" Sithe sikhala ngehlo elilodwa, elinye labe livulekile libheka ithuba lokuthi leli bhizinisi likhule. Sibona sengathi bekuyisu likaNkulunkulu ukuthi kube nenkinga eFruity Belliez, ukuze sibone isidingo semikhiqizo yezinwele ngoba iyakhula futhi sesinezindawo ezimbili esidayisa kuzo, iDFF Emporium eMega City naseSocial Gallery esePavallion," kusho uNksz Lisa Mthethwa.
Uthe okwamanje bakhiqiza ispray esenza ukuthi izinwele zingalumi uma welukile noma unama-dread, iMango Hair Butter eyenza ukuthi kube lula ukuzikama, amabhande ofihla ngawo injibaba uma usasohlelweni lokuyelapha.