ZISONDEZIWE izivivinyo zika-matric ebezizoqala ngoNovemba 1, kodwa ngenxa yokuthi ngaleli langa kuzobe kuvotwa kwashintsha i-timetable kwasondezwa ezinye zezifundo esezizoqala ngo-Okthoba 27.
Lokhu kuvezwe okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnuz Elijah Mhlanga, othe emuva komhlangano wongqongqoshe obuyizolo kunqunywe ukuthi izivivinyo zisheshe ziqale.
UMhlanga uthe iphepha lokuqala le-English obekumele libhalwe ngoNovemba 1 selizobhalwa ngo-Okthoba 27. EleBusiness Studies obekumele libhalwe ngoNovemba 2, nelinye lezilimi okubalwa isiGermany wona asezobhalwa ngo-Okthoba 28.
“Sibe nemihlangano nezinhlaka ezehlukene kwezemfundo sagcina sivumelene. Lezi zinguquko zenziwe ngukuthi kunokhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba 1, ngakho kunabafundi okumele bayovota.”
Uthe umkhandlu wongqongqoshe wagunyaza i-timetable ka-matric ngoMeyi 2021, kodwa ngeledlule uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, wamemezela ukuthi ngoNovemba 1 kuzoba nokhetho.
Uqhube wathi angu-207 amaphepha azobhalwa ezinsukwini ezingu-25, amasonto amahlanu.
“Asizoba nezikhala kwi-timetable ekhona yingakho kudingeke ukuthi sisondeze izinsuku zokubhala. Abazobhala abaqhubeke bazilungiselele.”
UMhlanga uthe banezinhlelo abazenzile zokusiza abafundi okubalwa ukubalekelela ngezinsiza kufunda.
“Sinezinhlelo zokubasiza ezidlala kwiDBETV channel 122 kwi-Openview, SABC1, DStv CatchUp & Showmax, kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-11 ebusuku kuya ku-12. NgemiGqibelo ziqala ngo-6 ekuseni kuya ku-10, ngeSonto ziqala ngo-7 ekuseni kuya ku-8 ekuseni.”
Ubalule nokuthi kunezinhlelo iWoza Matrics ezitholakala ngisho kuWhatsApp kwinombolo ethi:0615053023.
UMnuz Sibusiso Malinga ibamba likaMengameli weNatu, uthe bayayamukela i-timetable ebuyekeziwe ngoba izonika abafundi ithuba lokuthi bazihlele.
Ukhale ngokuthi kodwa izinto azihlelekanga ngoba i-timetable endala kwavunyelwana ngayo ngasekuqaleni konyaka.
“Bekwaziwa ukuthi izivivinyo zika-matric ziqala nini yinto engafihlwa kodwa manje ngomzuzu wokugcina sekumele kushintshe izinto. Siyakhala ngokungahleleki kuhulumeni.”
Uthe abafundi abavotayo bazothola nethuba lokuvota wathi enye into ngukuthi izikole eziningi zisebenza njengezikhungo zokuvotela ngakho iningi lazo lizobe lisebenza ngempelasonto yokhetho.
UNobhala jikelele weSadtu uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bebenxuse umnyango ukuthi ungashintshi kakhulu izinsuku kwi-timetable kodwa ubuyekeze lezo ezizoba nomthelela okhethweni.
Uthe bayayamukela i-timetable entsha.