Izindaba

Ukuvalelwa kwabahaqwe yiCovid-19 ngeke kusaba yizinsuku ezingu14

Intatheli YeSolezwe|Published

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, umemezele ukuncishiswa kwezinsuku zokuzivalela kwabantu emakhaya Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency (ANA) UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, umemezele ukuncishiswa kwezinsuku zokuzivalela kwabantu emakhaya Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency (ANA)

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize udalulele ukuthi sekuphakanyiswe ukuthi izinsuku zokuvalelwa kweziguli eziphethwe yiCovid-19 zingabe zisaba wu14 kodwa zincishiselwe kweziyishumi.

 

UMkhize usho lokhu ngesikhathi esesithangamini sokudingida ngohlelo lukahulumeni lokuthungatha iziguli ezinegciwane leCovid-19 nalabo abake basondelana nabo. 

Ubezobuye adalule imigomo ebuyakeziwe yeziguli eseziphumile emvalelweni. Uthe umnyango ucabanga isiluleko sokuthi izinsuku zokugonqa zingase zehliselwe kweziyisishiyagalombili kodwa yinto esacutshungulwa. 

Uthe uma isiguli samukelwe esibhedlela sabe sesifakwa kwi-oxygen, bayaluleka ukuthi uma sesikhishiwe khona, isiguli siqhubeke nokuhlala emvalelweni izinsuku ezilishumi. 

Eqhuba uthe ukuhlala endaweni yaso sodwa kwenza isiguli sinakekeleke size selapheke. 

UMkhize uthe imigomo enikezelwe yiNhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation, kwase kuthi ikomiti eliluleka ihhovisi likangqongqoshe lathumela iseluleko salo ngalokhu esamukelwe uMkhandlu obhekene naleli gciwane kuleli.