ISIKHWAMA somshwalense wabasebenzi i-Unemployment Insurance Fund (UIF) siyingxenye yohlelo loMnyango wezaBasebenzi lokulekela abasebenzi. I-UIF yenzelwa ukusiza abasabenzi okwesikhashana uma bephelelwa umsebenzi noma bengakwazi ukusebenza ngenxa yokugula; ilivu yokubeletha; ilivu yoku-adoptha ingane; nokusiza umndeni womsebenzi obekhokha i-UIF kodwa washona engafakanga isicelo.
I-UIF ithola imali yayo eminikelweni njalo ngenyanga ekhokhwa ngabaqashi nabasebenzi. Lokhu kwenziwa u-1% osuswa eholweni lomsebenzi kanjalo nemali ewu 1% ekhokhwa ngumqashi. Imali ekhokhwa seyiyonke okufanele ifinyelele esikhwameni u-2% weholo lomsebenzi njalo ngenyanga. Ngokwesibonelo, uma umsebenzi ehola uR100 ngenyanga kumele akhokhe R1 kwi-UIF nomqashi wakhe akhokhe R1. Le mali umqashi kumele ayikhokhe ngaphambi kosuku lwesikhombisa njalo ngenyanga.
Umthetho uyamphoqa umqashi ukuthi abhalisele i-UIF ngokushesha uma imisebenzi yebhizinisi iqala nabasebenzi sebeqala ukusebenza. Amaphepha okubhalisa ayatholakala emahhovisi oMnyango wezaBasebenzi. Umthetho uyamphoqa futhi umqashi ukuba anike abasebenzi incwadi yobufakazi eneminingingwane yokuhola evezayo ukuthi imali ye-UIF iyabanjwa. Uma ingaveli imali ye-UIF encwadini eneminingingwane yokuhola noma umsebenzi esola ukuthi umqashi akayikhokhi kwi-UIF, umsebenzi unelungelo lokubika eMnyangweni wezaBasebenzi ukuze umqashi athathelwe izinyathelo.
Abasebenzi abangayikhokhi i-UIF yilaba: abasebenza ngaphansi kwamahora awu-24 ngenyanga; abasebenzi bakahulumeni abasebenza ngaphansi kwesigaba 1(1) soMthetho wemisebenzi kahulumeni ka-1994 (abanye ungababona ku www.ufiling.gov.za).
Ibalwa kanjani imali ekhokhwela umsebenzi? Amazinga okukhokwa ngawo imihlomulo ihambisana nesikhathi semihlomulo eyahlukene phakathi kuka-38% kuya ku-60% weholo lakho lokugcina. Abantu abahola imali ephansi bathola iphesenti eliphezudlwana. Futhi abasebenzi bathola ama-credit ngesikhathi besebenza futhi bekhokha kwi-UIF. Ama-credit atholakala kanje: uma usebenze izinsuku eziyisithupha, uthola i-credit eyodwa kepha aweqi kuma-credit awu-238. Ukuze uthole ama-credit aphezulu kufanele usebenze njengomuntu okhokhayo kwi-UIF, iminyaka emine.
Kubalulekile ukugcizelela ukuthi imihlomulo ye-UIF itholwa kanje: ukungasebenzi; ukugula; ilivu yokubeletha; ilivu yoku-adoptha ingane; nabantu abancike ngokwezimali kumufi. Izicelo kufanele zenziwe kungakapheli izinyanga eziyisithupha.
Isicelo sokuphelelwa umsebenzi sikhokhwa uma umsebenzi exoshiwe, noma umqashi emisa ukusebenza noma inkontileka yomsebenzi isiphelelwe yisikhathi. Uma kwenzeka umsebenzi esula emsebenzini, i-UIF ngeke imkhokhele ngaphandle uma kukhona ubufakazi bokuthi kwabe kuwukuxoshwa okwakhayo.
Isicelo selivi yokubeletha kufanele senziwe ngaphambi kokubelethwa kwengane noma ezinyangeni eziyisithupha zokubelethwa kwengane. Umsebenzi kufanele aveze ukuthi uhola ngaphansi kweholo elijwayelekile ngesikhathi eselivini yokuyobeletha.
Isicelo sokugula kufanele sifakwe ezinyangeni eziyisithupha umsebenzi ayeka ngazo ukusebenza ngenxa yokugula. Imihlomulo ikhokhwa kusukela ngosuku umsebenzi ayeka ngalo ukusebenza ngenxa yokugula.
Isicelo soku-adoptha ingane naso kufanele senziwe ezinyangeni eziyisithupha kodwa ngemumva kokukhishwa yinkantolo efanele komyalelo woku-adoptha. Ingane e-adopthiwe kufanele ibe ngaphansi kweminyaka emibili.
Mayelana nemihlomulo yomsebenzi oseshonile engafakanga isicelo; umuntu ophilayo aganene naye noma ingane yakhe ingafaka isicelo ezinyangeni eziyisithupha kusukela ngosuku lokushona komsebenzi obekhokha kwi-UIF.
Okumqoka wukuthi njalo uma uzofaka isicelo kumele uphathe umazisi futhi isicelo sakho kumele usifake kungakapheli izinyanga eziyisithupha. Ngifisa nokugcizelela ukuthi uyobe wenza isenzo sokukhwabanisa uma uqhubeka nokuthola imali yomuhlomulo ekubeni sewuphinde wasebenza. Abenza la macala bazoboshwa. Ngiyacela abasebenzi babike abaqashi abangawulandeli umthetho we-UIF. Ungabika kunoma yiliphi ihhovisi loMnyango wezaBasebenzi:
Izinombolo ezibalulekile: Isikhungo Sokushayela Izingcingo ze-UIF mahhala: 012 337 1680 noma 0800 843 843. Ihhovisi loMnyango wezaBasebenzi KwaZulu-Natal: 031 366 2000.
UMnuz Teboho Maruping
unguKhomishana we-UIF