UKULINGANA kwezemfundo kungenzeka ngokuthi izikole zasemalokishini zithole izinsiza kufunda ezisezingeni eliphezulu nothisha beqophelo eliphezulu.
Usho kanje ngoLwesihlanu uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ngesikhathi kuvulwa ngokomthetho isikole iPholela High, ebikade ilungiswa.
UMshengu uthe iPholela ingesinye sezikole ezinomlando omuhle, wokukhiqiza abafundi abayibekile induku ebandla kuleli.
"Abafundi besikole banenhlanhla yokuthi kulesi sikole kwafunda abantu abangasikhohlwa ukuthi bafunda kuso, abahlale befika bezobeseka. Abagcini ngokuthi bazokuthaza abafundi ukuthi bazimisele baphase kodwa babamba iqhaza ekufakweni kwezimali zokuthi isikole sithuthukiswe," kusho uMshengu.
Uqhube wathi ukuze imfundo ilingane kuzomele izingane zithole imfundo esezingeni eliphezulu emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya, singabikhona isidingo sokuthi ziye kwezinye izindawo ukuze zithole imfundo esezingeni.
" Sesiqalile ukwenza izinhlelo zokuthi abafunda kulezi zindawo nabo bathole imfundo elinganayo. Okunye kwalokho ukuthi othishanhloko sibanikeze ama-tablets ukuze singabikhona isidingo sokuthi bashiye isikole njalo uma kumele baye emahhovisi abahloli, bahambisa amafomu nezinye izinto ezikwaziyo ukuthunyelwa nge-email. Sifuna uthishanhloko akwazi ukungena kwi-internet, afunde izindlela ezintsha zokuphathwa kwesikole futhi abengumuntu ohlale ekhona esikoleni ukuze ahlale azi ukuthi kwenzekani," kuchaza uMshengu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe isifundazwe sinezikole ezintathu ezisanda kuvulwa, ezisezingeni eliphezulu nakulapho kuzofundwa ngezobuchwepheshe.
Udalule ezinye zezikole wabala iDaniel Mzamo Special eseHighflats evulwe ekuqaleni konyaka, iPholela High elungiswe kabusha ne-Anton Lembede Maths and Science Academy evulwe ekuqaleni konyaka.
UZikalala uthe isikole silungiswe ngoR100 million, ukulungiswa kwaso kwenziwe ngokubambisana nabantu ababefunda kusona phambilini.
"Nyakenye kulesi sikole umatric uphase ngo-90%, sinethemba lokuthi kulo nyaka kuzophaswa ngo-100% ngoba sesilungisiwe," kusho uZikalala.
UNgongqoshe wezokuBusa ngokubambisa uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, uthe zintathu izinto ezisemqoka ezenza ukuthi iNingizimu Afrika ingaphumeleli. Kuzo uthe ubuphofu, ukushoda kwemisebenzi nokungalingani.
" Zonke lezi zinto zingaphela uma singenza isiqiniseko sokuthi izingane zethu zithola imfundo. Yingakho ngithi imfundo ibaluleke kakhulu," kusho uDkt Dlamini-Zuma.