UMSAMO: IDWALA LAPHAKADE
Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uma umuntu esezinkingeni esebenza bese enquma ukuthatha umhlalaphansi ngenhloso yokuthi kuphume izimali zakhe khona ezolungisa izinkinga. Baningi asebekwenzile lokhu ikakhulukazi othisha, okubizwa “ngokushaya isidudla”. Kuthi umuntu esesishayile leso sidludla izimali zijike zingaphumi. Uma ube nenhlanhla zaphuma, zihambe njengomoya.
Lokhu kubangelwa izinto eziningi ezehlukene. Okufanele sikwazi ukuthi izinkinga zinomsuka wazo, ngakho uma uthi uxazulula izinkinga ube ungaxazulile umsuka kumbe ingono yezinkinga ngeke kwenzeke lutho. Baningi-ke namhlanje abancela izithupha ngenxa yalokhu. Kukhona abantu abanezinkinga ezisuka emuva esingathi zisethongweni, umsamo, kube khona omsuka wazo ukuthina.
Ohlangothini lokuqala ilapho kukhona izinto umuntu angazange wazilungisa yena qobo lwakhe ekhaya, kokunye azilungiswanga abazali. Singasho sithi usuke ungazi kokunye wazi ukuthi izinto zakho zibanjwe yini kodwa ngenxa yokulalela nokulawulwa ngabangani nabantu abathize besekugcina kuba nezinkinga ezithi uma sezikuqaqele usale wedwa.
Kuqala kubazali bakho abangenzi kumbe abangenzanga kahle ekhaya okungumsamo wenu, nokungagcini izinto ezithize ngokuluthwa ukuqhakambisa inkolo kunobuntu nesintu, ekugcineni kuqhume izinkinga umsuka wazo ulele emuva. Lezi zinkinga zikuthelekela imihla namalanga kuyoze kulungiswe leyo nto eyingono yazo.
Lapha kuthinteka kakhulu umlando nomlandu wakho, ngaphandle kokulungiswa kwawo ngeke kulunge lutho, uyohamba amagumbi amane omhlaba.
Okwesibili kube izinkinga engono yazo ithina uqobo lwethu. Siphuma sithi siyokuzwa ezinhlanyeni ukuthi kwenzekeni, umuntu ebe eyingono yena qobo lwakhe lwezinkinga anazo. Khumbula wonke umuntu ophilayo unethongo elimbhekile nelimvikele ezitheni nakulabo abangase bathi bayamenzakalisa.
Uma ungumuntu onomgolo bese usukela umuntu ongenacala umenza okuthile, lokhu kugcina kukuphendukela. Kukhona abantu emisebenzini abaphatha imithi emibi yokwenzakalisa abanye abasebenza nabo. Bangena ezikhundleni ngemithi, benze kabi abanye ngemithi emibi, umuntu agcine elahlekelwa ngumsebenzi ngawe ngemithi yokumenzakalisa, esingathi ukumthakatha.
Lokho kuphatha kwakho leyo mithi emibi kuyakungcolisa wena nethongo lakho kujike futhi ushaywe ithongo lalowo muntu omenzakalisile ngomuthi.
Lokhu kuvamise kakhulu kubantu abafuna izikhundla nabasezikhundleni. Umuntu aphilise kanzima ophethe emsebenzini ngomuthi kodwa uma umbheka uthole ukuthi kukhona lokhu okumnyama kuyena okungahambi kahle kumbe onakalelwe izinto. Uma usubheka uthole ukuthi lokhu kudalwa ukuphatha imithi emibi.
Baningi abangazi ukuthi ukuphatha imithi emibi kuyalingcolisa ithongo nedlozi. Kungakho uma ungumelaphi wesintu ubuye uphathe imithi yokuthakatha, isigodlo siyangcola abantu abelashwa lapho bagcina bengasalapheki ngokuphelele ngakho ukungcola kwesizinda sempande.
Kungakho ugobela ohlakaniphile uma uya kuyena uyofuna umuthi wokwenzakalisa umuntu uyakubuza ukuthi uyonginika yini inkomo yokugeza isigodlo ngoba uyazi ukuthi imithi emibi iyasingcolisa isigodlo.
Kungakho-ke abantu abaningi abasezikhundleni bathi besaziphethe lezo zikhundla nabakupolitiki, bathi besahlezi kuzo kuyasa abasekho, kumbe sekuyabheda. Bese ethi kubheda emsamo kanti zonke lezi zikhundla azizanga ngethongo zeza ngomuthi omubi.
Lokho kudalwa ukuthi kukhona okhalayo oshayiwe ukuze angene kusona leso sikhundla akusona.
Ngalokhu-ke ngiqonde ukuthi kufanele siyibheke ingono yezinkinga zethu.
Ngakho-ke ungajahi ukushiya umsebenzi uthi uthatha umhlalaphansi ngoba uthi ufuna ukulungisa izinkinga zakho, lungisa ingono yezinkinga kuqala bese uyithatha impesheni yakho leyo esheshayo.
Lokhu kuthatha umhlalaphansi ngethemba lokuthola omunye umsebenzi kungukungacabangi okuphusile ngoba ingono yezinkinga iyona engagcina ivimba ukuthola omunye.
Baningi abahungulwa izimali zabo bathathe imihlalaphansi ngokukhohliswa abokufika kuleli maqedane babashiye bencela izithupha bashaye bachithe nezimali zabo abazisebenzela iminyaka. Ukujaha nokungafuni ukulungisa ingono yembangela kodwa ugijimele ezimalini zomhlalaphansi kungubuphukuphuku obuphindiwe.
NANSI INDABA
Ingono yezinkinga zakho zomsamo, ayikho kude ikuwe uqobo lwakho.
Bhedlindaba: 033 5691317/0797471911/0728972001
Twitter/Facebook/Instagram: @umsamo institute.