KUNGENZEKA abantu baseThekwini bazithole bephoqeleka ukuthi balothise izidumbu zabathandiweyo njengoba lo masipala unengcindezi ngenxa yabantu abashona kakhulu ngenxa yeCovid-19.
Kusukela ngoJanuwari 3 kuya ku 9 kungcwatshwe abantu abangu-403 emathuneni alawulwa umasipala weTheku. Inhloko yophiko lwamathuna nezokungcebeleka kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkosi Ngcobo, ithe ngenxa yengcindezi ekhona, sekungcwatshwa zonke izinsuku kuleli dolobha futhi izihlobo zabashonile azisakwazi ukuthola umgodi eduze kwalapho zihlala khona, kuya ngokuthi umgodi okhona ukuphi.
" Ngabe ayisekho imigodi ukube asizange sivule uhlelo lokuthi izihlobo zingcwatshwe emathuneni obekungcwatshwe kuwo izihlobo esezineminyaka ewu-10 zashona, kuLoon Road. Lolu hlelo aluzusiza kakhulu uma abantu beqhubeka nokushona ngale ndlela ngoba akusashoni umuntu oyedwa emndenini. Asikwazi ukuphinde sifake esinye isidumbu uma kusanda kungcwatshwa," kuchaza uMnuz Ngcobo.
Uthe okunye okwenza izinto zibe nzima wukuthi abasebenzi bakwamasipala bayagula futhi bayashona, abanye bayashonelwa.
"Uhlelo lokungcwaba ngokulothisa osekuphele iminyaka engu-15 sikhuluma ngalo, sesifikile isikhathi sokuthi abantu balwenze ngoba asikwazi ukumelana nemigodi eminingi edingekayo, ngaphezu kwalokho indawo yokungcwaba ayikho," kusho uNgcobo.
UMnuz Mduduzi Ncalane okhulumela uMasipala uMhlathuze, uthe ngeSonto lokugcina kuDisemba kungcwatshwe abantu abangu-44 ezindaweni ezimbili zokungcwaba, ezilawulwa yilo masipala.
" Ukukhula kwezibalo zabashonayo abadinga ukungcwatshwa kula mathuna kusho ukuthi kuzomele izinsiza esinazo, zisebenze ngaphezu kokujwayelekile ukuze simelane nomthamo owengeziwe wokungcwaba," kusho uMnuz Ncalane.
Uthe phambilini kulo masipala bekuba nemigodi embiwe ehleli kodwa manje sekungcwatshwa abangu-12 phakathi kukaLwesibili neSonto, imigodi ehleli ayisekho. Unxuse imindeni ukuthi ifake isicelo sokungcwaba okungenani kusasele amahora angu-48, ngaphambi kokuthi ingcwabe.