AMAZWE omhlaba okubalwa nelakuleli, ahleli lubhojozi njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi uphele unyaka ngoba awazi ukuthi igciwane lecovid-19 eselizishintshile i-omicron, lizosiphatha kanjani.
Lolu hlobo lwegciwane luhaqe abantu abaningi ngesivinini kanti kumanje sisesigabeni sesine sokuhlasela kwecovid-19, futhi kusekuningi okungaziwa ngalo.
Ososayensi basalicwaninga futhi kunethemba lokuthi kungenzeka kungabi kubi kakhulu ngoba ingxenye yabantu isigomile. Okwamanje kuthiwa ukugoma yikho kuphela okusiza abantu abahlaselwa yigciwane, ukuthi bangaguli kakhulu. Kepha kusenabantu abaningi kuleli, abangayingeni indaba yokugoma ngemva kokuba kuvele ukuthi i-omicron iyabahlasela nabantu abasegomile, yize bengaguli kakhulu uma beqhathaniswa nabangagomile.
Okunye okwenza abantu babemanqikanqika ngemigomo ukuthi umgomo kuthiwa wehlelwa ngamandla emuva kwezinyanga eziyisithupha umuntu egomile, bese kudingeka ukuthi agome ngomunye wokwengeza amandla,(booster shots). Abasebenzi bezempilo abayingxenye yocwaningo iSisonke, sebeqalile ukugoma ngomgomo wokwengeza amandla okhiqizwa iJohnson&Johnson. Isikhungo esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), sisanda kugunyaza amabooster shot akhiqizwa yiPfizer. I-omicron ilandela idelta ebihlasele kakhulu ngoJulayi, ngesiwombe sesithathu secovid-19.
Ukuhlasela kweCorona kuveze izinkinga eziningi kwezempilo njengoba kuvela ukuthi kunezivumelwano ezingalandelwa ngamanye amazwe, futhi zenziwa eminyakeni edlule, ezinjenge-Abuja Declaration. Lesi sivumelwano sasayinwa yiwo wonke amazwe ngesokuthi amazwe engeze ibhajethi yezempilo emazweni awo ngo-15% njalo ngonyaka. Lesi sivumelwano senziwa ngo-2000 kodwa kuze kube manje amazwe amaningi athi ayikho imali eyengeziwe ayibekele ezempilo. Kuthe uma kugasela iCorona, kwacaca ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuze kuthuthukiswe ezempilo zikwazi ukubhekana nomthamo weziguli.
Kuvele ukuthi i-Afrika, ayikwazi ukuzikhiqizela imigomo yethembele emazweni aphesheya. Imigomo yeCovid-19 ayithenga phesheya njengoba ihlasele emhlabeni wonke, kanti nabanikazi bezinkampani ezikhiqiza imigomo, baqala ngokukhiqizela amazwe abo. Amazwe aphesheya yiwo atshala imali eningi yothuthukisa ezempilo e-Afrika.
Njengoba kuhlasele ubhubhane ukwelashwa kwezinye izifo kuphazamisekile ngoba bekubhekelwe lona kanti lokhu kungadala ukuthi ngesikhathi esizayo kube nezinkinga ngoba izifo zingase zingalawuleki.
Ukuhlasela kweCorona edala isifo secovid-19, kuholele ekutheni amazwe ehluleke ukufeza amasu okuqeda isandulela ngculazi ngo-2030, ngokuthi kulo nyaka u95% wabantu bazihlole ukuthi abanayo yini iHIV, u95% wabantu okutholakale ukuthi unegciwane uqale imishanguzo yokuthithibalisa igciwane, kuthi u95% kube ngowabadla imishanguzo ukuthi igciwane lingabe lisabonakala egazini, i-95-95-95. INingizumu Afrika beyizibekele ukuthi izokwenza u-90-90-90, nayo yehlulekile ukufeza lokho ngenxa yokuhlasela kwegciwane.
ObewuNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize, wesule esikhundleni sakhe emuva kokuthi umbiko wophiko oluyisipesheli, iSpecial Investigating Unit (SIU), oveze ukuthi umndeni wakhe wahlomula ngokuthi kunikezwe inkampani yezokuxhumana iDigital Vibes, ithenda uR150 million.
Okunye okwethuse umphakathi kulo nyaka ukuvela kwevideo ekhombisa izitshudeni zakuleli ezifundela ubudokotela eCuba, zishaywa ngamaphoyisa akulo leliya lizwe.
UMnyango wezeMpilo wathi uthole ukuthi bekunephathi yesinye sezitshudeni kodwa awazi ukuthi kungani kugcine sekufika amaphoyisa. Wathembisa ukuthi umbiko ophelele uzokwethula uMnyango wezangaPhandle, kepha kuze kube yimanje ubungakethulwa lowo mbiko.