IZIGAMEKO zokugwazana kwabafundi esikoleni samabanga aphezulu KwaMakhutha zenze ukuthi uvalwe khona umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane izolo.
Umcimbi wokuvala imigubho yalo mkhankaso wenziwe yiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, okhale ngezigameko ezimbi ezenzeke kule ndawo. Yize singashiwongo ngegama isikole kodwa yiseMasakhane High lapho kuke kwagwazana abafundi ababili bashona ngo-Agasti. Imeya iveze izibalo zezigameko ezahlukene ezibikwe esiteshini samaphoyisa KwaMakhutha kusukela ngoSepthemba, ezinye zazo ezinyukile. Ithe ikhethe ukuvala umkhankaso KwaMakhutha ukukhuza umhlola wezigameko ezingezinhle. UNkk Gumede uqale waveza izibalo zokudlwengulwa ezibikwe esiteshini samaphoyisa, athe ngoSeptemba bayisihlanu abadlwenguliwe, ngo-Okthoba bayisishiyagalombili kwathi ngoNovemba balishumi.
“Okubi ngalezi zibalo ziyenyuka kunokuba zehle. Lapha sikhuluma ngezibalo zezigameko ezibikiwe kuphela. Kungenzeka ukuthi baningi abanye abadlwenguliwe kodwa bangabika,” echaza.
UNkk Gumede uveze nezibalo zokugqekezwa kwemizi ngoSepthemba ezibe u-39, zaba wu-35 ngo-Okthoba zaba u-44 ngoNovemba. Emacaleni okushaya ngoSeptemba abe ngu-34, ngo-Okthoba aba u-28 kwathi ngoNovemba awu-35. Imeya igxeke ukwanda kwamathaveni angekho emthethweni, ethe anomthelela ekubhebhethekiseni ubugebengu. Ezibalweni zamathaveni atholakele engenawo amalayisensi agcine engu-28 ngoNovemba, eqale engu-19 ngoSepthemba. Kwababulewe izibalo zikhomba ukuthi babe yisikhombisa ngoSepthemba bagcina beyisishiyagalolunye ngoNovemba. Kulo mcimbi imeya ibuye yapha ngamaphasela okudla imindeni edonsa kanzima. Ithembise ukuthi nezaguga zizothola izipho ungakashayi uKhisimusi.
OnguSihlalo wekomiti leCommunity Service kuMasipala weTheku, uNkk Zama Sokhabase ugcizelele ukuthi kuvalwa kuphela imigubho ehambisana nomkhankaso kodwa abesifazane nezingane kumele bavikelwe unyaka wonke. Naye ukhale ngesigameko sokugwazana kwabafundi esikoleni, athe yikho okwenze ukuthi bawuvale KwaMakhutha umkhankaso. Umkhankaso wavulwa yimeya eSankotshe nakhona okuthiwa bekwande izigameko zokuhlukunyezwa kwabadala. Emcimbini wayizolo kunandise umculi wowokholo uDumi Mkokstad obehambisana noBetusile. Umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane uba minyaka yonke ngoNovemba 25 kuya kuDisemba 10.