KUZOQHUBEKA ukulalelwa kobufakazi kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlazana, yize kugqekezwe amahhovisi ayo eParktown eGoli, ngoMgqibelo ebusuku.
NgeSonto ekuseni bekusagcwele amaphoyisa eqoqa ubufakazi endaweni yesigameko ukuthi ngabe kwenzekalani nokuthi umonakalo ube mngakanani.
Ngokwemibiko evelile kuuthiwa kuthathwe ama-laptop nezinye izinto zobuchwepheshe. Akwaziwa ukuthi kulokhu okuthathiwe ngabe kukhona yini imiqingo yobufakazi bekhomishini. Izolo kuthintwa amaphoyisa ngalolu daba lokugqekezwa kwamahhovisi, athe azokhipha isitatimende ngoba abesasebenza endaweni yesigameko.
Okhulumela ikhomishini uMnuz Mbuyiselo Stemela, izolo ukuqinisekisile ukuthi bagqekezelwe wathi abakabi nalo ulwazi olwenele.
“Udaba selusemaphoyiseni manje. Sizokhipha isitatimende ekuhambeni kwesikhathi esichaza ngalokhu kugqekeza uma sesithole umbiko emaphoyiseni. Ikhomishini izoqhubeka nomsebenzi njengoba kusasa (namhlanje), izolalela ubufakazi bukaSomlomo wePhalamende uNksz Thandi Modise, nobufakazi bukaSihlalo we-National Council of Provinces, uMnuz Amos Masondo,” kusho uStemela.
Kuqubuke izinkulumo ngalokhu kugqekeza, ezinkundleni zokuxhumana iFacebook neTwitter. Abanye bethi kuyasolisa ukuthi kunesandla semfene ukugqekezwa kwala mahhovisi.
Kuleli sonto bekulindeleke ukuba kufakaze uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa ngo-Ephreli 22 no-23, kodwa kwahlehliswa kwathiwa usezofakaza ngo-Ephreli 28 no-29 nangoMeyi 13 no-14.