KUVELE elomhlathi kodado bebona uMengameli Cyril Ramaphosa obekhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvota enxanxatheleni yezitolo eForrest Hill City ePitoli izolo KUVELE elomhlathi kodado bebona uMengameli Cyril Ramaphosa obekhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvota enxanxatheleni yezitolo eForrest Hill City ePitoli izolo
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa izolo ugcizelele ukuthi ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo akumele kwenzeke ngendlela ezodicilela phansi amalungelo abanye abantu.
URamaphosa ukhulume kanje ngesikhathi ehambele idolobha laseTshwane, umkhandlu wayo onganyelwe yiDA.
Ekhuluma nabalandeli be-ANC eNew Creation Covenant Church, eCenturion, uRamaphosa uxwayise abantu ukuthi ukubuyiselwa komhlaba kubantu kumele kwenzeke ngaphandle kokubukelwa phansi kwamalungelo abantu noMthethosisekelo.
“Kumele senze yonke into ngendlela ehambisana nomthetho nemibandela yoMthethosisekelo wezwe ukuze kuvikeleke amalungelo awo wonke umuntu,” kusho uRamaphosa.
I-ANC isanda kweseka isiphakamiso se-EFF ePhalamende sokuthi kuphasiswe ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. URamaphosa obehamba noNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, noSihlalo we-ANC esifundeni iTshwane, uMnuz Kgosientso Ramokgoba, uthe ukudliwa komhlaba kuzokwenziwa ngendlela engeke iholele ekutheni kuphazamiseke ukukhula komnotho.
“Okwethu manje wukuthi siqinisekise ukuthi izinto zenziwa ngendlela ngaphandle kokukhwabanisa, ngaphandle kokuphula umthetho, ngaphandle futhi kokubukela phansi amalungelo abanye abantu, ngaphandle futhi kokwenza izinto esingeke sifise zenziwe kithina. Indlela yethu entsha leyo,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uphinde waveza ukuthi umthetho wokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo uzolungisa okubi okwenziwa emlandweni wakuleli.
Uveze nokuthi usekunakile ukuthi uhulumeni awuzisukumeli izidingo zabantu ngokushesha kuleli dolobha. Uthe UMakhura uzohambela izindawo ezithize emphakathini ukuze ezwe izidingo zabantu okubalwa kuzo izindlu.