UKUBULAWA ngesihluku komfundi kaGrade 11, eSiyanda Secondary eMgungundlovu, emasontweni edlule kusukumise intsha yakuleli dolobha ukuthi ilwe nodlame olubhekiswe kubantu besifazane.
U-Akhona Mncube (19) KwaZayeka, eMgungundlovu, kwatholakala isidumbu sakhe sinezinkomba zokuthi ushaywe ngenduku yekhilithi waze wafa ngenyanga edlule.
Udadewabo kamufi, uNksz Lindo Mncube, uthe watholakala kubo kwesoka lakhe ebulewe ngendlela eyisihluku kangangoba ikhanda lakhe lalivuvukele lonke futhi kuphuma igazi ngamakhala nangomlomo. Uthe umsolwa uMnuz Mlungisi Mchunu, waboshwa waze wavela nasenkantolo.
Inhlangano yabantu abasha Umzansi Youth in Business, ibe seyiqala umkhankaso wokuqongelela izidingongqangi zamantombazane ahlala ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala waseMsunduzi, emuva kokuthola ukuthi u-Akhona ubebekezelele ukuhlukunyezwa yisoka lakhe ngoba ethembele kulo.
Ngokuthola kwale nhlangano, u-Akhona ubethola imali, izinto zokugcoba nokudla kuleli soka. Inhloko yoMzansi Youth in Business, uMnuz Mbongeni Zuma, ithe bathatha isinqumo sokuthi bakuqede ukulahlekelwa ngamantombazane ngoba engakwazi ukuzondla.
“Yingakho sabe sesisungula umkhankaso obizwa ngeVETO esihlose ngawo ukubuyisa isithunzi sabantu besifazane nokugqugquzela inhlanzeko kubo.
“Selokhu kusungulwe isikhungo se-UYB emphakathini waseSweeetwaters, KwaZayeka, sekunenqwaba yamacala odlame lobulili asebekiwe esikhungweni sethu. Njengenhlangano ngeke sihlale sithule sibuke kwenzeka lezi zigameko.”
Uthe inhloso yabo ukukhuza umhlola nokwazisa amantombazane ukuba azi ukuthi kunenhlangano ewamele.
“Sihlose ukuwahlomisa nokuwacija ukuze abe ngabantu besifazane abazimele,” kusho uZuma.
Lo mkhankaso uzokwethulwa ngokomthetho kusukela kusasa kuze kushaye uLwesihlanu ngohambo oluzosukela e-UYB Centre eSweetewaters, luphele eMhlanga, eThekwini.
“Inhloso ukuqongelela amaphakethe amaqakelo ukuze asabalaliswe emantombazaneni. Kuzophinde kuxoxwe nawo ngokuthi angahlonyiswa ngamaphi amakhono ukuze akwazi ukungathembeli komunye umuntu kodwa akwazi ukuzimela,” kuphetha uZuma.