UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, uphumele obala ngokuthi nakuba enelisekile ngezinga elikhonjiswa ngabadlali abasha baleli qembu kodwa usekude ukubadlalisa umdlalo wonke.
IChiefs isayinise uLeonardo Castro obekwiMamelodi Sundowns noSiphelele Ntshangase obeyibamba kwiBlack Leopards. Laba badlali bafike kwiChiefs bethwelwe ngeqoma ukuthi bazoshintsha izinto ePhefeni.
Kusukela kuqale u-2018 iChiefs ayikehlulwa. UCastro noNtshangase uKomphela ubebaqalisa ebhentshini. Nokho koweLast 32 yeNedbank Cup ngempelasonto, ubaqalise umdlalo okokuqala kusukela bejoyine Amakhosi.
IChiefs iwashise ijezi iLamontville Golden Arrows iyixebula ngo 3-0 wamagoli kaRyan Moon, Bernard Parker noJoseph Molangoane eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto ntambama.
UCastro, obekhombisa okukhulu ukuzinikela, ukhishiwe esiwombeni sesibili kwangena uBernard Parker kwathi indawo kaNtshangase yathathwa nguHendrik Ekstein.
“Ngicabanga ukuthi badlale kahle kakhulu. Ubonakele umsebenzi obukade wenziwa nguCastro, sabona nemizamo kaNtshangase. Kodwa uma sibheka emuva, uCastro uchithe isikhathi eside engadlali eqenjini aphuma kulona, wafika kithina waqala ukusebenza. Ukuba sesimeni sokudlala akuyona into elula kodwa kufanele ubakhe abadlali ukuze bafinyelele lapho. Yisimo esifanayo noNtshangase, lapho ekade ekhona ubengadlali,” kusho uKomphela.
“Besazi ngaphambi kokubaqalisa ukuthi lincane ithuba lokuthi bawuqede umdlalo. Kodwa besinalo icebo lokuthi uma behluleka sizokwenzanjani. Uma ubafaka esiwombeni sesibili ubheka ukuthi iqembu esidlala nalo selikhathele. Bazongena bakwazi ukumelana nomdlalo, bakhombise izinga labo, bawuqede umdlalo. Njengomqeqeshi lezo yizinto okufanele ukwazi ukuzilawula kuncike kokubone ejimini nokushiwo uyena umdlali. Ngiyethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi bazokwazi ukuwudlala wonke umdlalo. Kodwa ngeke kwenzeke ngokushesha.”
Emdlalweni wangeSonto, uKomphela uqalise abagadli ababili okunguCastro noMoon osephenduke umsindisi weChiefs ngokuyishayela amagoli abalulekile. Lokhu akujwayelekile kwiChiefs nokungenye yezinto abalandeli abahlala bemgxeka ngayo lo mqeqeshi.
UKomphela uthe nakuba benqobe ngamagoli amathathu kodwa bebengayixebula ngangaphezulu i-Arrows.
“Sidonse kanzima esiwombeni sokuqala okungenzeka ukuthi kudalwe wukuthi bayazi ukuthi sidlala kanjani. Esiwombeni sesibili kube ngcono. Bekufanele sishaye amagoli angaphezu kwalawa esiwashayile. Kukhona elishaye ipali likade ligotshiwe, nelitholwe nguMolangoane obekufanele nje ashaye inethi. Lokho bekungenza amagoli abe yisihlanu. Kodwa bekungelula njengoba kugcine izinombolo zisho ebhodini. Abadlali bethu badlale kahle ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Emuva kwegoli lesibili bakhombise ukuvuka kodwa elesithathu belisho ukuthi sekuphelile ngabo,” kusho uKomphela.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo uma isiyamukela iCape Town City koweligi ngo-8.15 ebusuku eFNB Stadium.