UKLINYE uyise wamklabha ngembazo, waklinya nengane eneminyaka emithathu efuna ngodli imali yakhe yempesheni.
UMnuz Bhekinkosi Dlamini (70) waseClermont Extension, kuthiwa usesimeni esibucayi ngemuva kwalesi sehlakalo.
Nezihlobo zimbalekisile ekhaya abehlala kulo nendodana yakhe eneminyaka ewu-27 nayo
ekhalelwe ngamasonto kaSigonyela ngoLwesihlanu.
Kuthiwa ingane eneminyaka emithathu, engumshana wakhe, yona uyiklinye ngoba eyisola ngokuthi yiyona eyenza ukuthi uyise angabe esamthanda, athande yona. Ukhale nangokuthi kukhona imali uyise aseyisebenzisela le ngane esikhundleni zokuthi ize kuyena.
Ngokusho kwesinye sezihlobo, uDlamini unezingozi ekhanda nasezingalweni njengoba kuthiwa ubezama ukuvika indodana yakhe, isho ukumqeda ngembazo.
Indodakazi yokugcina kaDlamini okuyiyo esele ekhaya, uNtokozo Dlamini (19), ithe
isenzo sikamfowabo sibashiye bedidekile futhi bezizwa bengaphephile.
“U......(emgagula ngegama) uqale waklinya ubaba nengane kasisi. Uthe kubaba ufuna amnikeze yonke imali yakhe yempesheni ngoba ubesanda kuhola,” kusho uNtokozo.
Uthe uyise uvamisile ukunikeza umfowabo uR200 njalo uma eholile nakulokhu uthe uyise ubesemnikezile umfowabo le mali.
“Ngenkathi ebaklinya nengane kadadewethu eneminyaka emithathu, ubaba umemeze kwaze kwezwa omakhelwane,” kusho uNtokozo.
Ngenkathi omakhelwane befika kubo emuva kokuzwa umsindo wokuklinywa kukayise nengane kadadewabo, uthe umfowabo udle phansi.
“Baphinda bahamba omakhelwane kanti uzophinda abuye esephethe imbazo abeyifihlile,” kuchaza uNtokozo.
Uthe kube wukungena endlini kukamfowabo, waklabha uyise ngembazo enganakile, emklabha ekhanda.
“Wophe kakhulu phakathi kweminwe ubaba ngoba
ubezama ukubamba imbazo umfowethu abemshaya ngayo,” kusho uNtokozo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko.
Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze uma amaphoyisa esenze uphenyo lwawo olufanele.
Umjondolo okuhlala kuwo uDlamini usendaweni eyihlathi, uNtokozo uthe bayesaba
ukuthi umfowabo kungenzeka akhishwe esitokisini afike abenzakalise bonke kungezwa muntu.
“Ngendlela esingaphephile ngayo, sike sithi sivuka, sibone ngenyoka izisongile eceleni kwezipontshi esilala kuzo, kucace ukuthi nayo ibilele nathi,” kubalisa uNtokozo.