KUQWASHISWE abesifazane ukuthi basheshe bazibheke izimpawu zokhwantalala ezinganeni, ezingagcina ziholele ekutheni zizibulale.
Lokhu kushiwo nguSolwazi Sma Magwaza oyiClinical Psychologist e-University of KwaZulu-Natal, obekhuluma izolo emcimbini ohlelwe Imbokodo YeTheku. USolwazi Magwaza uthe ukhwantalala seluyisifo esiyinkinga kakhulu kuleli futhi uma singanakiwe baningi abazophazamiseka ngokomqondo ngenxa yalo. Uveze ukuthi izifo ezithinta umqondo azinakwa kuleli, sekuyinto ejwayelekile ukubona ophazamiseke ngokomqondo emgwaqweni engasizwa.
“Ingane ingashaywa esikoleni kuthiwa ayizwa kanti inokhwantalala. Yingakho kumele kunakwe izinguquko emizweni yomuntu nasemicabangweni yakhe. Uma umuntu eseqala ukungathandi lutho, azibone engelutho kusuke sekuyinkinga. Komunye kusuke sekuwumsebenzi omkhulu ngisho ukuvuka nje abhekane nosuku,” echaza.
Ugcizelele ukuthi izingane kumele zifundiswe zisencane ukuxazulula izinkinga ukuze zingaboni ukuzibulala kuyisisombululo. Uveze nokuthi ukwanda kwezigameko zokuzibulala kwezingane kwenziwa ukuthi zibona kuyinto enhle ngoba kuvezwa nakwabezindaba. Uthe ezinye zisebenzisa izidakamizwa ngoba ziziba ukhwantalala.
Uthe ukugula ngomqondo okubizwa ngeBipolar kuqala ngokhwantalala olunganakiwe. Uveze nokuthi abesifazane bahlaselwa nawukhwantalala emuva kokubeletha, athe luphatha oyedwa kwabathathu.
Unxuse ukuthi bangahlulelwa abantu abanokhwantalala ngoba bangagcina bezibulala.
“Sibhekene nenkinga kuleli ngoba bangu-23 abazibulala ngosuku okwenza babe * -8 000 ngonyaka. Abangu-17.6% sebeke bacabanga ukuzibulala. Uma umuntu eseke wazama ukuzibulala kumele asheshe asizwe ngoba usengaphinda azame. Inkinga ukuthi siyamehlulela uma ekade ezama ukuzibulala bese ebona ukuthi akekho oqonda isimo sakhe,” kuchaza uSolwazi Magwaza.
UMfundisi Ntebo Mohoto obengomunye wezikhulumi, ugxeke umkhuba wokwenzelana phansi kwabesifazane. Uthe ukuhleba nokugxekana akuhambelani nobuntu.Uveze ukuthi kunabesifazane abangazethembi, abajatshuliswa ukudicilela phansi isithunzi somunye.
Inhloso yalo mcimbi bekuwukukhulisana kwabesifazane nokukhumbuzana ngokungamagugu njengoba kuyinyanga yawo.