Izindaba

Ukhuze ibuya kwesokuhola kwi-ANC eKZN

Mhlengi Shangase|Published

ABAHOLI bophiko lwabesifazane lwe-ANC KwaZulu-Natal, i-ANC Womens League, oNkk Nonhlanhla Khoza (uSihlalo), uNkk Mbali Frazer (iPhini likaSihlalo), uNksz Zama Sokhabase (uNobhala), Nksz Fikile Masiko (iphini likanobhala) noNksz Matozi Dlamini (uMgcinimafa), abakhethwe engqungqutheleni esongwe izolo, eThekwini Isithombe: ANCKZN

UKHUZE ibuya esikhundleni sokuhola uphiko lwabesifazane lwe-ANC KwaZulu-Natal, i-ANC Women’s League, uNkk Nonhlanhla Khoza onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.

UNkk Khoza uhlule uzakwabo ngamavoti amathathu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, obesembangweni walesi sikhundla engqungqutheleni esongwe izolo, eThekwini.

Kube nokubambezeleka kule ngqungquthela obekumele iqale ngoLwesihlanu ize isongwe ngeSonto.

Kodwa ngenxa yokubambezeleka ngesikhathi kubhaliswa amalungu kanjalo nezinye izinto ezithinta le ngqungquthela, kudale ukuthi ize iqale ngoMgqibelo, kwaphuza nokuvotelwa kwabaholi.

Amanye amalungu aze abuyela emakhaya abaholi abasha bengamenyezeliwe njengoba begcine bemenyezelwa izolo emini, ekubeni bekumele kwenzeke lokhu ngeSonto.

ABAHOLI bophiko lwabesifazane lwe-ANC KwaZulu-Natal, i-ANC Womens League, oNkk Nonhlanhla Khoza (uSihlalo), uNkk Mbali Frazer (iPhini likaSihlalo), uNksz Zama Sokhabase (uNobhala), Nksz Fikile Masiko (iphini likanobhala) noNksz Matozi Dlamini (uMgcinimafa), abakhethwe engqungqutheleni esongwe izolo, eThekwini Isithombe: ANCKZN

UNkk Khoza udle umhlanganiso ngamavoti angu-601 kwesikaSihlalo ehlula uNkk Sithole-Moloi ngamavoti angu-598.

UNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Mbali Frazer, ukhethelwe kwesePhini likaSihlalo walolu phiko, wahlula uNkk Phumzile Mbatha-Cele.

UNkk Zama Sokhabase ukhethelwe kwesikaNobhala, wahlula uNksz Matho Shozi.

UNksz Fikile Masiko ukhethelwe kwesePhini likaNobhala, ehlula uNksz Nondumiso Cele.

KwesikaMgcinimafa kukhethwe uNksz Matozi Dlamini ohlule uNksz Phindile Sishi.

Ubuholi be-ANC esifundazweni buhalalisele abaholi abasha balolu phiko abakhethiwe.

UNobhala wale nhlangano, uMnuz Bheki Mtolo, uthe abangabazi ukuthi ubuholi obusha buzosebenza ngamandla ukukhulula abesifazane njengoba benza nangesikhathi sobandlululo.

Uncome amalungu abehambele le ngqungquthela ngokubhunga ngezinhlelo zokutakula abesifazane basemakhaya nasemalokishini.

"Kumele laba besifazane babe yingxenye yezinhlelo zomnotho. Sinethemba ukuthi abesifazane bazokhuluma ngazwi linye ezintweni okumele uhulumeni azenze ukuze bangasali ngaphandle."

Uthe le ngqungquthela bekungeyona nje kuphela eyokukhetha abaholi kodwa eyokubheka nemigomo yenhlangano nezinhlelo zokuthuthukisa abesifazane.