Izindaba

Ukhuza ibuya umcimbi wokuqhakambisa abadayisa ukudla okusheshayo

Simangaliso Ntshangase|Published

UKHUZA ibuya ihlandla lesibili nonyaka umcimnbi onhloso yawo wukuqhakambisa nokunika osomabhizinisi abasafufusa abadayisa ukudla okusheshayo ithuba lokusabalalisa futhi bathengise ukudla kwakho ngokukhululeka okubasiza basimamise amabhizinisi abo.

Lo mcimbi obizwa ngeThekwini Kota Festival, uzoba seKings Park Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-Agasti 2, ngo-10 ekuseni kuya ku-8 ebusuku, lapho okuzobe kuhlangene khona osomabhizinisi bedayisa, kube kuqhubeka idili lomculo.

Omunye wabasunguli balo mcimbi uMnuz Luvo Dimba waseGoli, uthe impumelelo yomcimbi wanyakenye, ibakhuthaze ukuthi bakhuthalele ukuwubuyisa futhi nonyaka ukuqhuba umbono wabo wokufukula labo somabhizinisi, kube kuqhakanjiswa nezinhlobo zokudla okusheshayo nokuwundabamlonyeni ebantwini.

UKHUZA ibuya inhlandla lesibili umcimbi oqhakambisa osomabhizinisi bokudla okusheshayo iThekwini Kota Festival

Image: SITHUNYELWE

"Inhloso yethu wukuthi lezi zinhlobo zokudla zihlale ziqhakanjiswa zona nosomabhizinisi abazidayisayo ikakhulu ngoba yinto yethu esikhule ngayo neyenza ukuthi sihluke kwabanye abantu bezinye izinhlanga. Yingakho siqhubeka nokuveza ithuba elinjena elizosiza ngokuthi osomabhizinisi bakhuthazeke kwabakwenzayo ngokubasondezela abantu abazothenga imikhiqizo yabo, bayishebe nomculo omnandi," usho kanje.

UKHUZA ibuya inhlandla lesibili umcimbi oqhakambisa osomabhizinisi bokudla okusheshayo iThekwini Kota Festival

Image: SITHUNYELWE

Uthe emcimbini kuzobe kunedili lomculo, lapho okuzobe kunandisa khona amaciko ehlukene adumile, nokho abangezukuwadalula ngoba umcimbi awukho ngabo, kodwa uqondene nosomabhizinisi abazobe bedayisa u kudla kusukela umcimbi uqala uze uphele.

UKHUZA ibuya inhlandla lesibili umcimbi oqhakambisa osomabhizinisi bokudla okusheshayo iThekwini Kota Festival

Image: SITHUNYELWE

"Bangaphezu kuka-20 osomabhizinisi abazobe benkanise inkundla yonke bedayisa ukudla kwabo okwehlukene, kanti sibheke ukuthi umcimbi wethu usize ukwakha amathuba omsebenzi angaphezu kuka-300 ngalolu suku okuzosiza abantu baseKZN kuphela," kusho uDimba.

Amathikithi omcimbi ayatholakala eComputicket naseShoprite ngo-R200 i-general no-R400 i-VIP kubantu abadala, kube wuR150 i-general noR400 i-VIP yezitshudeni zesikhungo zemfundo ephakeme noR110 noR250 izingane ezincane.