UPHITHENE amakhanda umndeni wowesifazane waKwaDabeka okusolwa ukuthi uphuze idiphu lezinkomo washona ethi iwayini.
UNksz Jabulile Ndlovu (36) waKwaDabeka kwaK, ushone ngoLwesithathu olwedlule equnjelwe yisisu nolimi seluxebuka kulandela ukuthenga “ugologo” thizeni kumfowabo (39) okuthiwa uyiphara.
Udadewabo kamufi omdala nokhulumele umndeni, uNksz Nosipho Ndlovu, uthe umfowabo wathola ngocwazi wasesitolo thizeni ngoLwesibili odlule ePinetown wabuya nawo ekhaya.
Kuwo kwakukhona amasi, umuthi wokuxubha nayo le nto emhlophe isebhodleleni. UNksz Ndlovu uthe umfowabo wafika waqonda endlini kamufi wathi udayisa ngewayini.
“Wafika nomfowethu oyiphara lo muthi ethi iwayini. Wamdayisela endlini yakhe wathi udadewethu akanayo imali kodwa uzonikeza umngani ozokwazi mhlawumbe ukuyithenga bayiphuze. Udadewethu wacela ukuthi amzwise kuqala, waphuza kancane kwase kuqala inkinga. Wachaza naye ukuthi uphuzeni watshela nabangani.
‘Abawaziyo bathi umuthi obulala amazenze ezinkomeni idiphu kodwa yena wafike wathi iwayini. Naye wafike wachaza ukuthi uphuze le nto uyidayiselwe uyena,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe yize engagulanga udadewabo kodwa washo ukuthi uyasha esifubeni uma kukhona okwenzekayo kwaziwe ukuthi uphuze le nto. Kuthiwa waqala ngalo uLwesibili ukuzwa kunento emshisayo esiswini, ngoLwesithathu wamtshela udadewabo ukuthi uphuzeni.
“Ngambuza ukuthi inuka kanjani wathi ayinaphunga kodwa iyashisa. Ngezwa sengibizwa ngoLwesithathu kuthiwa ushonile. Nolimi lwaluxebuka liphuma inyama, isisu sikhukhumele kakhulu. Amaphoyisa amfice esayiphethe lento umfowethu. Ayithatha athi azoyoyihlola abhala nesitatimende,” kusho uNksz Ndlovu.
Abomndeni wakaNdlovu bathi umfowabo kamufi akathi vu selokhu kwenzeke lesi sigameko. Umufi ushiye izingane ezine.
Umndeni ulinde imiphumela yamaphoyisa ukuthola ukuthi yini ngempela embulele. Kulindeleke ukuthi angcwatshwe namhlanje. Amaphoyisa awalivulanga icala kodwa athathe isitatimende noketshezi oluzoyohlolwa.