ISANDLA somfundi waseFolweni, eSibongindlela High, okuthiwa asisasebenzi emuva kokulimala eshaywa uthisha nge-duster ngoba emsola ngokubanga umsindo ekilasini ISANDLA somfundi waseFolweni, eSibongindlela High, okuthiwa asisasebenzi emuva kokulimala eshaywa uthisha nge-duster ngoba emsola ngokubanga umsindo ekilasini
UFUNA kungenele uMnyango wezeMfundo umzali womfundi wasesikoleni esiseFolweni, iSibongindlela High, okuthiwa usekhubazeke isandla emva kokushaywa nguthisha ngoba emsola ngokubanga umsindo ekilasini.
Unina womfundi (18) kaGrade 10, igama lakhe ligodliwe, uthe indodana yakhe, okumanje isesibhedlela ngenxa yezinkinga zesandla sayo, isikhubazekile esandleni emva kokushaywa nguthisha ngoJanuwari nonyaka. Kuthiwa uthisha wathi ayihlanganise iminwe wayishaya nge-duster yalimala isandla sangabe sisavuma ukusebenza.
Uthe okumkhathazayo wukuthi akukho okwenziwa ngumnyango ukujezisa uthisha ngesenzo sakhe esesishiye ingane yakhe ingakwazi ukusebenzisa isandla okuyisona eyenza yonke into ngaso.
Uthe ingane yakhe iphuma ingena esibhedlela ngenxa yokuthi isandla sayo asibi ngcono.
“Njengamanje isandla sakhe asinamizwa, akakwazi ukusivula nokusivala. Akakwazi ukusisebenzisa. Uma engalalisiwe esibhedlela uyaya esikoleni kodwa afike ahlale angabhali ngoba isandla asisebenzi kanti yisona abhala ngaso. Nezingane esikoleni sezimubiza ‘ngosandla’. Kungiphatha kabi ukuthi azikho izinyathelo ezathathelwa uthisha ngakwenzile ngoba namanje ukhona esikoleni ingane iyasho ukuthi ike imbone.
Uthe uthisha wayehlose ukuyifihla indaba yokulimala kwengane yakhe ngoba emva kokuyilimaza wayibhalela incwadi yokuthi ayiye emtholampilo yadluliselwa esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial wathi uzoyihambisa yena. Wabuye wathi ayingasho ukuthi ilimele ekhaya nokuthi ilinyazwe nguye. Umzali womfundi uthe ingane yalimala kunguLwesihlanu, ngoMsombuluko uthisha wayiyisa ePrince Mshiyeni Memorial wazenza isihlobo sayo wathi ilimale idlala ibhola.
Uthe uthole ngoba ingane isibuya ifake ibhandishi ukuthi ilimele nokuthi ilinyazwe nguthisha. Ube eseya esikoleni eyozama ukuxoxa nothisha kodwa esikoleni bafike bamfihla. Uthe ube eselubikela uMnyango wezeMfundo lolu daba wavula necala emaphoyiseni. Ukhale ngokuthi kuze kube yimanje akukho okusenzekile ukujezisa uthisha ngesenzo sakhe esesishiye ingane yakhe ikhubazekile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu ekhuluma neziphathimandla zomnyango ngesonto eledlule uyikhulumile indaba yokuthi kufanele kusheshe kubhekanwe nezigameko ezifana nalesi salo mfundi. Ubanqumele ugwayi katiki wathi abasheshe bakuphothule ukuphenya ngezigameko ezifana nalezi.
Uthe bazobuyela emuva babheke ukuthi yini eyenziwe mayelana nalolu daba uma lwalubikiwe. Uthe bazozwa nokuthi isinqumo esathathwa sathini.
Okhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.