USEPHELELWE wumsebenzi ujele wesifazane owabonakala kwi-video eyagcwala ezinkundleni zokuxhumana ezitika ngocansi nesiboshwa ejele.
Okhulumela umnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnuz Singabakho Nxumalo uthe lo msebenzi uxoshelwe ejele laseNcome. Uqhube wathi omunye ujele owavuma ukuthi kusetshenziswe ihhovisi lakhe ukuze bazithokozise ngocansi naye ukhonjwe afika ngayo.
“Emva kokuqondiswa izigwegwe isiboshwa asixolelwanga njengoba siphucwe amagunya, sayiswa ejele elikhulu,” kuchaza uNxumalo.
Uqhube wathi njengoba umnyango wakhuluma nezwe ngoMashi 2021 ngalolu daba bekudingeka ukuthi balandele inqubo mgomo bese kuthathwa izinyathele ezifanele ngokushesha.
UNxumalo uthe, “Umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ufuna ukuthumela umyalezo wokuthi izenzo zocansi phakathi kojele neziboshwa azivumelekile futhi angeke zibekezeleleke.”
Uthe indlela yokuziphatha ayivumelani naloku. “Ababanjwa bephula umthetho bazoyikhotha imbenge eyomile. Umnyango angeke ungabaze ukuthatha izinyathelo kulabo abaphula umthetho. Ojele kumele babe yisibonelo esihle hhayi kwiziboshwa kuphela kodwa nasemphakathini, ” usho kanje.