SEYISABA ngisho ukuphumela phandle intombazane (17) yasoYaya, eShowe, “edlwengulwe” ngukhokho wayo (74) nosekuholele ekutheni umndeni ungabhekani.
Isihlobo salo mndeni sitshele leli phephandaba ukuthi ngoLwesihlanu ntambama, ukhokho wabona le ntombazane efunda uGrade 11, izokha amanzi egcekeni lakwakhe, lapho ekhiwa khona vele.
Wathi ayiqale ingene endlini imbekele amanzi etiye. Ngaleso sikhathi kwabe kunamadodana akhe amabili emnyango nawo wawathuma esibayeni ukuthi ayofutha inkomo.
Leli lungu lomndeni lithe yilapho athola khona ithuba lokuyicindezela endlini wase eyidlwengula.
“Ikhona indodana yakhe eyangena yambona yase ibeka eyayikuphethe, wabona ukuthi imbonile, ingane yabaleka ngaleso sikhathi. Kodwa umndeni awuhambisani nokuboshwa kwakhe ngoba wanikezwa nguyena indawo yokwakha.
Inkinga akekho nomuntu wesilisa ozobamela njengoba behlala bengabantu besifazane bodwa,” kusho lesi sihlobo esinganeme ngokwenzekile.
Unina wentombazane, uthe kusenzima ngisho ukukhuluma ngale nto ebehlele ngoba nengane seyiphila ngokusaba.
“Okubuhlungu kakhulu, wukuthi singumndeni, ngumkhulu olamana nogogo lona odlwengule ingane yami. Wavuma wathi uyaxolisa kodwa ngoba uyidlwengulile bekufanele sibikele amaphoyisa. "Sisondelene kakhulu uma ingane iphumela emnyango iyakubona khona, ihlukumezekile asazi sizokwenzenjani,” kusho unina wengane.
Umndeni kuthiwa uyabasola ngesenzo sabo uthi bekufanele ikhulunywe iphelele emndenini. Elinye ilungu lalo mndeni elingahambisani nalokhu, lithe lo mndeni awusaphephile ngoba nasecaleni kuthiwe bangezi enkantolo ngenxa yeCovid-19 kodwa okamsolwa wavunyelwa.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko, okhumela amaphoyisa esifundazweni, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshiwe wavela enkantolo.
“Umgilwa kuthiwa wabizwa ngumsolwa ethi akamenzele itiye, ngesikhathi esalenza wambamba wamdlwengula. Uvelile enkantolo yeMantshi eShowe, uzobuyela ngoJulayi 8,” kusho uCapt Gwala.