WAQALA ukuba nelukuluku lokufuna ukwazi kabanzi ngensangu eneminyaka ewu-14 uDkt Thandeka Kunene (48) oyishoshozela lokulapha ngensangu elithole ilayisensi yokuyikhiqiza ngokusethethweni eNingizimu Afrika.
UDkt Kunene, onenkampani iHouse of Hemp ezokhiqiza insangu esetshenziselwa ukulapha izifo ezehlukene, uthe ubuya kude nocwaningo lwensangu.
“Ngangineminyaka ewu-14 ngesikhathi ngiqala ukucwaninga ngensangu. Sasiya esontweni nomngani wami ngesikhathi sibona abafana bebhema insangu ekhoneni. Umngani wami wababaza ukuthi babhema insangu, bavele basisabisa bathi asihambe. Sabaleka saqhubeka nendlela eya esontweni. Sengiphumile esontweni ngababuza ukuthi yenzani insangu base bengitshela ukuthi ngaphandle kokuthi iyabhenywa iyasetshenziswa ukwenza indwangu nemithi.
“Emuva kwalokho ngaqala ucwaningo lwami ngibuza wonke umuntu ngensangu.”
“Ngathi sengiphothule umatric ngayokwenza izifundo ze-engineering eNyuvesi yaseCape Town. Sengiphothule ijunior degree yami kwi-engineering ngahlangana nosolwazi owayecwaninga ngensangu. Ngamtshela ukuthi nami ngiyathanda ukucwaninga ngayo wase engitshela ukuthi angenze ucwaningo nge-industrial hemp. Lolu cwaningo ngalwenza ngo-1992 sengenza iziqu zami zeMaster’s.”
Ubelokhu eqhubeka nocwaningo waze wathola umfundaze kuDkt Mamphela Ramphele wokwenza ucwaningo ngezinto ezingaletha imali uma insangu ingatshalelwa ukwelapha.
“Ekhaya bebesonta emaRomeni kodwa mina ngiye ngakhetha ukuba yiRasta sengikhulile ngoba ngithanda ukucwaninga ngensangu nempilo
yamaRasta. Ucwaningo engilwenze ngosizo lukaDkt Ramphele lwangisiza ngathola ukuthi insangu yenza indwangu kodwa ngabona ukuthi ngeke sikwazi ukungenisa imali ngoba indwangu eningi ikhiqizwa eChina nase-India.”
“Ucwaningo lwangithatha iminyaka eyisikhombisa. Sengilwenzile ngathola nokuthi insangu iyakwazi ukukhiqiza amafutha asetshenziswa yimishini ehlukene (biofuels), nasekukhiqizeni ukudla okunomsoco (super foods). Ngaya eMnyangweni wezoHwebo neziMboni nemiphumela yocwaningo ngahluleka wukuthola ilayisensi yokuthi ngikhiqize lokho okuzongenisa imali,”
Uthe akazange adikibale ngoba waze wasungula inkampani wathola abatshalizimali abahlukene ababekholelwa embonweni wakhe.
“Ngiye ngakhetha ukucwaninga ngohlelo lokwenza imithi yensangu ngathola ukuthi uma ngitshala ihemp bese ngidayisa amafutha ayo ngizowadayisa ngo-$2 000. Uma esenziwe umuthi othile azobiza * -$4 000. Ngibekezelile kwaze kwavulwa iDube Trade Port ngafaka isicelo sokuqasha indawo engangilokhu ngiyiqasha ngingakhiqizi lutho. Ngajabula sengithola ilayisensi ngoba lokhu kusho ukuthi ngizovulela abantu amathuba,”
Ingqinamba enkulu abhekane nayo kube wukuthola ilayisensi kodwa ngoba useyitholile akasakhali kakhulu.
“Ukube bengingenabo abatshalizimali bezinye izinhlanga ngabe ngahluleka wukukhokha irenti kodwa ngoba siyasebenzisana ngabekezela ngaze ngathola ilayisensi. Amafutha esizowakhiqiza asiza ukudambisa izinhlungu uma kophethwe wumdlavuza, ikhanda, ayawulawula ushukela, alwe nesifo sokuwa, asthma nezinye izifo,”
Ngisho abanenkinga ye-alzheimers bayasizakala ngoba iyasiza ukudambisa izinhlungu zezinye izifo kwabane-HIV.
Abathanda ukutshala insangu uDkt Kunene uthe bathinte ithimba lakhe ku 032 815 0221 noma bamthumelele i-email [email protected]. Bangavakashela newebsite ihouseofhemp.co.za.