UMUFI uNksz Nokuthula Mkhize obulawe ngokudutshulwa ngoLwesine ntambama
Image: SITHUNYELWE
UKHALA ngonya owesilisa okudutshulwe kwabulawa unina omzalayo nonina wengane yakhe ngabathile athi ubesenolwazi lokuthi yibona abeba imoto yakhe ngonyaka owedlule.
UMnuz Asanda Cingo ukhala ngokubulawa ngesihluku kukanina uNkk Ntombetsha Mmangaliso (52) benomama wengane yakhe, uNksz Nokuthula Mkhize (39).
Laba ababili kuvela ukuthi badutshulwe babulawa esigamekweni esenzeke ngoLwesine kusihlwa, besendlini abahlala kuyona eseKenviille. Kuvela ukuthi umuntu emunye udutshulwe ngenhlamvu eyodwa ekhanda. Isigameko kuvela ukuthi senzeke ngezithuba zabo-6 ntambama. Kusolwa ukuthi kungene abesilisa ababili babuza ukuthi uphi umnikazi wemoto eyebiwa, besho uCingo. Kuthe uma ebebesendlini bephendula ngokuthi kabamazi, bavele bavulela ngenhlamvu babashiya sebethule abafi.
UCingo ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto ulithathe walibeka ngokuze kwaholela kulo mshophi. Ulimise ngesihloko elokuthi ukubulawa kwalaba kungenxa yomnyombo wempi yemoto yakhe i-Avanza eyebiwa ngoJulayi 24, ngonyaka owedlule. Ngemuva kokuba seyebiwe imoto, uthe wathola ukuthi yibaphi abantu abayithathile imoto yakhe.
"Ngathola ukuthi imoto yami ithathwe ngabesilisa bakhona lapha endaweni. Okwadala ukuthi ngithole kalula ukuthi bayeba emini kwabha kubuka abanye abantu. Kugcine kufinyelela ke ezindlebeni zabo ukuthi sengiyazi ukuthi yibona abathatha imoto yami,'' echaza.
Uthe kusukela lapho, bekuba khona abamtshelayo ukuthi laba besilisa kabaneme ngokuthi useyazi ngabo, bahlela itulo lokumbulala.
Udalule ukuthi laba besilisa kuke kwaba nesikhathi lapho abenyamalale khona endaweni kodwa bagcina sebebuya bobathathu.
''Kukhona omunye obesanda kusho kwabanye abantu ukuthi uke wazama ukungibulala kodwa wamane wasindelwa, wehluleka,'' kusho yena
UMUFI uNkk Ntombentsha Mmangaliso obulewe ngokudutshulwa
Image: SITHUNYELWE
Uveza ukuthi isigameko sokubulawa kwalaba senzeke kabi engekho ekhaya njengoba kukhona lapho abephuthume khona kukhona izinto abeyozilungisa.
''Angazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ukufika kwabo bakuqondanise ngesikhathi mina ngingekho. Ngiyazibuza ukuthi mhlawumbe bebazi ukuthi angikho yini,'' usho kanjena.
Uchaze lesi simo njengesimhlukumezile kakhulu, wakhala ngalaba besilisa wabachaza nengabantu abanesihluku esingechazwe.
''Sebengaze bakhiphe izidumbu ezimbili zonke ngenxa nje yokuthi kubangwa imoto. Ibuhlungu le nto abayenzile kodwa akukho engingakwenza, ngizokwamukela ngigwinye noma kubaba,'' kusho uCingo.
Ugcizelele kakhulu ukuthi ufuna umthetho uthathe indima yawo, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela abenzi bobubi bajeze ngesigwebo esibafanele. Okhulumela amaphoyi KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseGreenwood Park avule icala lokubulawa kwababili besifazane. Uthe kuvela ukuthi laba bahlaselwe babulawa besendlini ngoLwesine
Related Topics: