UHLULEKE wukuzibamba unina kaSenzo Meyiwa wakhihla isililo ngesikhathi enikwa ngokusemthethweni incwadi ebhalwe ngendodana yakhe wumbhali, uSoweto Mandlanzi.
Le ncwadi eyethulwe kubo kaSenzo esihloko sithi Decoding 666_9: The Inexplicable Life Of Senzo Meyiwa inikwe ngokusemthethweni kuNkk Ntombifuthi Meyiwa osesele yedwa njengoba nomyeni wakhe agcina ngokudlula emhlabeni.
Kulo mcimbi kuvele ukuthi ingxenye yemali ezokwenziwa ngayo izonikelelwa umndeni wakwaMeyiwa.
“Konke lokhu akwenzayo uSoweto akazenzeli yena kodwa babevumelane noBab’ uMeyiwa ukuthi uzobhala incwadi. Okubuhlungu wukuthi akasekho azozibonela izithelo,” kusho uNkk Meyiwa.
Uhlelo beluphethwe wuMzabalazo Dlamini ongusomabhizinisi odumile waseThekwini.
UThembinkosi Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki naMathuna kuMasipala weTheku, uthe iseminingi imibuzo mayelana nokufa kukaSenzo.
“Ukushona kukaBab’ Meyiwa kwakunokwenza nokhwantalala olwamhlasela kulandela ukushona kwengane yakhe bese kuyathuleka. Siyabonga kuSoweto ngokuqhamuka nesixazululo sokuthi sigcine sazi ukuthi kwenzekani futhi kwakwenzenjani,” kusho uNgcobo.
Umfowabo kaSenzo, uS’fiso Meyiwa, ugcizelele ukuthi abantu bangafunda lukhulu kuSenzo njengoba watshengisa ukubekezela okuyisimanga empilweni.
“Le ncwadi izofundisa ngisho izingane ezisencane ngokubaluleka kokubekezela njengoba noSenzo wahlala iminyaka ecela kwengu-9 engadlali eqenjini elikhulu le-Orlando Pirates.
“Akazange aphele amandla kunalokho waphokophela phambili kwaze kwaba unyuselwa eqenjini elikhulu,” kusho uS’fiso.
Bekunenqwaba yosaziwayo abebethamele lo mcimbi nokubalwa kubona nobengumdlali webhola uBrilliant Khuzwayo, wusomahlaya uSimphiwe Shembe nomsakazi we-East Coast Radio, uThandolwethu Ngidi.
UKhuzwayo ube esezibophezela ngokusiza nanoma yingani emndenini wakwaMeyiwa ikakhulukazi njengoba “wakhuliswa wuSenzo Meyiwa”.
Umbhali wencwadi uveze ukuthi kungase kulandele isiqephu sesibili sencwadi njengoba sekuvele nabanye abazimisele ukukhuluma.
“Uma konke kuhambe kahle sizobhala enye incwadi yesibili. Ngisho sekuyiwa enkantolo siyobhala ngokwenzeke khona ukuze kungalahleki ngisho ucezu lomlando kaSenzo,” kusho uSoweto.
Le ncwadi isiqalile ukudayiswa kodwa izokwethulwa ngokusemthethweni ngoFebhuwari 21 endaweni esazomenyezelwa.
Encwadini uSoweto ukhulume nabangani ababili bakaSenzo ababekhona ngesikhathi edutshulwa kubo kaKelly Khumalo eVosloorus, wakhuluma noMandisa Mkhize oyingoduso kaSenzo nabomndeni wakaMeyiwa.
Lo mbhali ekugcineni ucubungula zonke izimpendulo ezishiwo yibo bonke ababekhona, bese eveza ukuthi inkulumo
yabo bonke ayihlangani, bonke basho izinto ezishayisanayo ezikhomba ukuthi kukhona ongalikhulumi iqiniso ngokufa kukaSenzo
Meyiwa.