UMengameli Cyril Ramaphosa ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa ngamalungu ePhalamende kulandela ukusula kobengumengameli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: Mike Hutchings/Reuters
"PHAKAMA Ramaphosa, ixesha lifikile". Kuqhume le ngoma izolo ePhalamende uMnuz Matamela Cyril Ramaphosa ekhethwa ngo-elethu kwesokuba ngumengameli wezwe.
 
URamaphosa ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa ngamalungu ePhalamende kulandela ukusula kobengumengameli uMnuz Jacob Zuma.

I-EFF idube yaphuma ithi ayihambisani nokuqokwa kukaRamaphosa ifuna kuhlakazwe iPhalamende kusondezwe ukhetho. 

Ngemuva kokukhethwa amaqembu aphikisayo athe nakuba ezosebenzisana naye kodwa azoqhubeka aphakamise izinto ezingahambi kahle nafuna zilungiswe ezweni. 

Umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane, uthe bazosebenzisana ukuze kuthuthukiwe umphakathi.

"Inkinga bekungeyona uJacob Zuma kodwa i-ANC ebithule ingamkhuzi ezintweni abezenza. Ngiyakubongela ngokoqokwa kodwa sizobonana ngo-2019 (okhethweni)," kusho uMaimane.

UMnuz Narend Singh we-IFP, uthe umholi waleli qembu ubambeke eThekwini njengoba ibhanoyi abeligibele kudingeke ukuthi lijikiswe wangakwazi ukufika azohalalisela uRamaphosa.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba kubantu bakuleli abangu-55 million wathi kodwa bazoqhubeka nokuphenya bafake nemibuzo ongqongqoshe.
USolwazi Nhlanhla Khubisa, we-NFP, obekhulumela umholi waleli qembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi, uthe liphezulu izinga lokungasebenzi kwabantu njengoba limi ku-26%.

Uthe kumele kwenziwe okuthile ikakhulu ezinhlanganweni ezingaphansi kukahulumeni.

Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa uthe akekho umholi ongasebenza eyedwa kudingeka basebenzisane ukuphucula umphakathi wakuleli.
Uthe kumele kuhlanganwe kudliwe inyama kusetshenziswane bengamaqembu ahlukene.

UMfundisi Kenneth Meshoe, we-ACDP, uthe uRamaphosa kumele akhumbule ukuthi akayena umengameli wamalungu e-ANC kodwa owabantu bonke bakuleli. 
USotswebhu we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, uthe kuyabajabulisa ukubambisana ababe nakho namaqembu aphikisayo.

Uthe noma kukhona abadubile baphuma kodwa basebenzisane kahle nalawa maqembu. 

"Ngithanda ukuwabonga wonke amaqembu ngokuvumelana ngomengameli wethu uRamaphosa. Umholi okhathalele abantu." 

URamaphosa, ephendula ukhwele wadilika kuMaimane wathi akangaphangi umdaka izulu lingananga ajahe u-2019 ngoba bazobe behlangana naye njalo ePhalamende.

Uthe ufuna ukuhlale ehlangana namaqembu aphikisayo into athi wayiqala eseyiphini likamengameli.

"Ngiyayithanda eyokuthi sisebenzisane sonke. Ngizohlangana nabo bonke abaholi bamaqembu ukuze sibakhe ubudlelwano," kusho uRamaphosa ozothula inkulumo ebhekiswe esizweni namhlanje ntambama ePhalamende.

UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, uthe bayabuthemba ubuholi bukaRamaphosa wathi uzoqhubeka nezinhlelo zokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, izinguquko ezinqala kwezomnotho neyemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme. 

Uthe kuzoliwa nendlala, ukungalingani kubuyiswe nesithunzi sikahulumeni nesezinkampani ezingaphansi kwakhe. 
ICosatu, ANCYL, SACP nezinye izinhlaka zikwamukelwe ukuqokwa kukaRamaphosa.