SELUFIKE lwedlula ukhetho olukade lulindwe ngabomvu yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Cishe sesiyaqala ukucaca isithombe sokuthi obani abazobusa izwe eminyakeni emihlanu ezayo njengoba nemiphumela isibonakele yize ingakethulwa ngokusemthethweni ezifundazweni eziningi. Osekubaluleke kakhulu manje wukuthi zithini izibalo zezihlalo ephalamende.
Umthetho uthi iqembu lidinga u-0.25 wamavoti ukuze lithole isihlalo ephalamende.
Zingu-400 izihlalo ezibangwayo ephalamende likazwelonke futhi umbango wezihlalo usuke ushisa phansi ngoba akekho osuke efuna ukusala. Kulokhu njengoba kade kuvotwa, kuchaza ukuthi iqembu lizodinga amavoti abalelwa ku-46 000 isihlalo ngasinye.
Kuyiwe okhethweni amaqembu esevele ewahambisile amagama abantu afisa ukubajuba ephalamende uma kwenzeka bezithola izihlalo. Ephalamende eledlule i-ANC ibishaya amaphiko ngezihlalo ezingu-249 okungakacaci ke noma izozengeza noma zizokwehla kulokhu njengoba kusaqedelwa imiphumela. Ibilandelawa yi-DA eyiqembu eliphiksayo ngezihlalo ezingu-89, i-EFF ilale isithathu ngezihlalo ezingu-25. I-IFP ibiza ngemuva ngezihlalo ezingu-10. Uma umuntu eyilungu lephalamende kusuke kuchaza ukuthi uzobe ehleka yedwa uma kuphela inyanga ngoba bagoduka nesigodo semali.
Ngokwemiqingo yamaholo eshicilelwe wuhulumeni, kuvela ukuthi ilungu lephalamende ligoduka noR1,106,940 ngonyaka nokuchaza ukuthi * -R92,250 ngenyanga. Ungqongqoshe ugoduka nesamba sikaR2 401 633 ngonyaka okuchaza ukuthi uthola R 200 136 ngenyanga. Iphiini likangqongqoshe lithola R1 977 795 ngonyaka okusho ukuthi balala noR 166 482 ngenyanga.
Ezinye izigaba ezibalulekile ezilandelayo manje, wukufungiswa kukamengameli wezwe bese ebophela ikhabhinethi yakhe nokuyinto ebhekwe ngamehlo abomvu.
Konke lokhu kubhekeke ukuthi kwenzeke emasontweni ambalwa ezayo. Kuqinisekisiwe nokho ukuthi kuzophela uMeyi konke sekwenziwe.