NJENGOBA luya ngokusondela ukhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu, osopolitiki bephuma ngazindlela zonke becela amavoti kubantu, ivoti lentsha eqalayo ukuvota lizoba semqoka.
Ithimba leSolezwe ngeSonto lihambele indawo esemakhaya eMelmoth likhuluma nentsha efunda * -matric ngombono wawo odabeni lokuvota.
Inhlangano ebhekele ukhetho kuleli i-IEC ike yezwakalisa ukungenami kwayo ngokuthi sincane kakhulu isibalo sabantu abasha baKwaZulu-Natal abazobe bevota ngokokuqala okhethweni lukazwelonke.
Esitatimendeni se-IEC ngoJanuwari, ithe bangu-5,366,520 sebe bonke abantu baKwaZulu-Natal ababhalisele ukuvota kodwa bangu-170, 578 abantu abasha abazobe beqala ukuvota.
Lokhu kuchaza ukuthi ingxenye eningi yabavoti KwaZulu-Natal ngabantu abadala asebenesikhathi bevota.
Nakuba kunjalo kodwa abafundi baseSinqobile High, eMkhindini, eMelmoth, bamagange ukuyovota. Bathi bafuna ukuvotela ukubona izidingo zabo njengentsha zifezeka ngoba kuningi abasazimisele ngakho empilweni ikakhulukazi okuphathelene nokuqhubeka nemfundo yabo.
UMana Mhlongo (18) wakule ndawo, uthe uzovota ngoba kuningi asekubonile kwenzeka ngakubo selokhu kwangena uhulumeni wentando yabantu.
Ubale umgwaqo, ugesi namanzi athe sekunesikhathi bakuthola.
Uthe kukhona okuncane okusele akholwa wukuthi kusazolunga njengemigwaqo engena phakathi kwemizi. Ugcizelele ukuthi elakhe ivoti liqondene ngqo nezemfundo.
"Kufanele kusukunyelwe indaba yemfundo ukuze uma siphuma ezikoleni singalokhu sinwaya amakhanda kodwa siqonde ngqo emanyuvesi sifunde ngaphandle kwezinkinga.
"Kufanele imifundaze ibe miningi nemfundo yamahhala ingene impela ngoba abazali bethu abanayo imali yokusifundisa,’’ kuchaza lo mfundi.
Uthinte nendaba yamabanga amade abawahamba beya esikoleni wathi kumele uhulumeni enze imizamo.
U-Andiswa Thusi (18) uthe usejahile ukuzwa ukuthi ukuba segunjini lokuvota kuyinto enjani ngoba uhlala ezwa ngendaba kuthiwa kuyavotwa.
"Siyayiyfuna imfundo ngoba yithi ikusasa lezwe. Ayize imifundaze ngoba njengoba siqeda nje, sifuna ukuqhubeka nokufunda.
"Amathuba omsebenzi awavuleke ngoba ngeke sikwazi ukuqeda sihlale emakhaya neziqu zethu. Bakhona abahleli emakhaya abangasebenzi kuyimanje kodwa befundile," kuphawula * -Andiswa.
Omunye umfundi uSihle Masondo (20) uthe uyalihalela ithuba lokuvota kodwa akakwazanga ukubhalisa ngoba i-IEC yagcina ithe izofika yangabe isafika.
Uthe uyakugquguzela ukuvota kwabasebasha ngoba iyona ndlela abazwakalisa ngayo iziwi labo.
Uthe udaba lwemfundo kufanele lungazitshwa ngoba iyona eyokhulula intsha yakuleli.