BASALE bezibuza imibuzo abantu abaningi ngokudlondlobala kweqembu lezepolitiki ebelingabhekiwe okhethweni iFreedom Front Plus eholwa uMnuz Pieter Groenewald. Kumanje selibalwa namaqembu amahlanu azihola phambili njengoba belihlezi endaweni yesihlanu ngesikhathi kushicilelwa.
IFreedom Front Plus iyaziwa ngokumela amaBhunu inqwaba yawo okungabalimi abangahambisani namaqembu agcwele izinhlanga ezahlukene.
Umbuzo obubuzwa abantu abaningi othi yini edale ezikaGroenewald zesekwe kungaka. Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu uyiphendulile le mibuzo eveza ukuthi zimbili izinto ezikhuphule leli qembu.
UMngomezulu uthi iphuzu lokuqala elizuzise iFF Plus kube wudaba lomhlaba oluwatatazelisa kakhulu amaBhunu uma luthintwa. I-ANC inanelwa yi-EFF, abajiki ekutheni uhlaba awuthathwe ngaphandle kwesinxephezelo.
"I-Freedom Front Plus iyaziwa ukuthi iyaphikisana nomgomo we-ANC wokuthatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
“AmaBhunu ethukile ngendaba yomhlaba kodwa abeke ithemba lawo kwiFreedom Front Plus ebukeka ikhuluma kahle kuwona,’’ kuchaza uMngomezulu.
Uthi amaBhunu uma enenkinga ayahlangana edwebe amaqhinga okuyixazulula yingakho ehlale phansi anquma ukuthi kufanele avotele iFreedom Front Plus ngobuningi bawo.
Uze walinganisa ngokuthi abantu abamnyama benza okuphambene ngoba uma benenkinga abaqhamuki namaqhinga kodwa bavele bagxobe itoyitoyi babulale impahla.
Iphuzu lesibili uMngomezulu alibekile wukufuduka kwabanye abamhlophe besuka ku-DA ngoba bengasayizwa kahle.
"I-DA isizibeke njengeqembu elemukela zonke izinhlanga kanti abamhlophe abaningi abahambisani nalokhu, babambe elentulo ngokuthi kabadlelani nezinye izinhlanga. Inqwaba isukile kwiDA yazitholela ikhaya elisha kwiFreedom Front Plus,’’ kuchaza uMngomezulu.