Umhlaziyi wezepolitiki ozimele kuleli, uMnuz Lukhona Mnguni, ufunga uyagomela, uthi ngeke uze ube khona uhulumeni wobambiswano kuzwelonke ngemuva kokhetho lwakusasa. Isithombe: AP Photo/Themba Hadebe Umhlaziyi wezepolitiki ozimele kuleli, uMnuz Lukhona Mnguni, ufunga uyagomela, uthi ngeke uze ube khona uhulumeni wobambiswano kuzwelonke ngemuva kokhetho lwakusasa. Isithombe: AP Photo/Themba Hadebe
ABAHLAZIYI bezepolitiki bathi ababoni iNingizimu Afrika izoba nohulumeni wobambiswano ezweni lonke ngemuva kokhetho lwangoLwesithathu.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele kuleli, uMnuz Lukhona Mnguni, ufunga uyagomela, uthi ngeke uze ube khona uhulumeni wobambiswano kuzwelonke ngemuva kokhetho lwakusasa.
Engxoxweni neSolezwe, uMnguni uthe into engabonakala ukuthi kube khona uhulumeni wobambiswano ezifundazweni ezithile.
“Okwamanje kunzima ukusho ukuthi yiziphi lezi zifundazwe kodwa kunezifundazwe ezibonakala zivulelekile ekutheni zingaba nohulumeni wobumbano okuyiGauteng, Limpopo, North West , Northen Cape neWestern Cape, ikakhulukazi njengoba singazi ukuthi ukuba khona kweGood Party, kaNkk Patricia de Lille, kuzoba namthelela muni kwiDA. Hhayi ukuba khona kweGood Party kuphela nokuvuka kwe-ANC ngaphansi kobuholi bukaMnuz Cyril Ramaphosa, okokugcina namaphutha enziwe yiDA eWestern Cape lapho umkhonto kade ugwaza ekhaya esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezingu-18, ezedlule,” kusho uMnguni.
Uthe ngokubona kwakhe, iGauteng inamathuba amaningi okuthi ibe nohulumeni wobambiswano.
“Isinyathelo sakamuva sikahulumeni waseGauteng sokubuyisa uMnuz Thabo Mbeki emkhankasweni weqembu kusho lukhulu ekuzibophezeleni kwayo ukuthi idle umhlanganiso,” kusho uMnguni.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Protas Madlala, naye uhambe emazwini kaMnguni wathi akaboni kuzoba khona uhulumeni wobambiswano kuzwelonke.
“Mina ngibona i-ANC izonqoba ngamalengiso ikakhulukazi njengoba isiphethwe uMnuz Cyril Ramaphosa,” kusho uMadlala.
Uthe ubona sengathi amaqembu aphikisayo kwawona aseyivumile induku kaKhongolose.
“Uma ubheka izingqwembe zawo zokukhankaso alikho nelilodwa iqembu eliphikisayo elithi umholi walo uzoba ngumengameli, azisholo ezinye izinto. Bheka nje ele-EFF ithi kuMalema, “The son of the soil” alisho lutho ngobumengameli,” kusho uMadlala.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, naye uthe ubona i-ANC izozinyusa izibalo zayo njengoba isingaphansi kukaRamaphosa.
“Kunabantu be-ANC akade bengasavoti ngenxa yokuthi bebenganeme ngobuholi obebukhona phambilini, manje bazobuya ngenxa yokuthi sekukhona ubuholi obusha,” kusho uKhumalo.
Uthe esinye isizathu esizonyusa amandla e-ANC ukwehla kwamandla eDA.
“Ngibona kuzokwehla kakhulu ukwesekwa kweDA kulolu khetho ikakhulukazi njengoba kuyona kukhona nabamhlophe abathi bazovotela i-ANC ngoba bethi iqembu labo seligudlukile ezimpandeni elasungulelwa phezu kwazo,” kusho uKhumalo.
Uthe iNingizimu Afrika kusakude ukuthi isingaba nohulumeni wobambiswano kuzwelonke.
“Abantu baseNingizimu Afrika basavota ngobuhlanga, njengoba abantu abaningi kungabantu abamnyama bavotela amaqembu abantu abamnyama ikakhulukazi i-ANC kuthi idlanzana labamhlophe livotele iDA kukhona nedlanzana lamaNdiya namakhaladi eligcina selibangwa ngamaqembu,” kusho uKhumalo.
Uhulumeni wobambiswano usungulwa uma kuwukuthi alikho iqembu elidle umhlanganiso ingcaca okhethweni. Uma engekho onqobe ngamalengiso, amaqembu abe eseyahlangana axoxisane abone ukuthi angasebenzisana kanjani ukuze kwakhiwe uhulumeni. Esimeni lapho izwe kumele liphathwe uhulumeni wobambiswano, amaqembu ayaxoxisana futhi ukuthi ngubani ozoba ngumengameli wezwe ngokuvumelana kwawo.