Ungqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele obehambele umngcwabo wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa obulawe yizigebengu ebezizama ukubamba imoto yemali KwaNongoma ngeledlule
UNGQONGQOSHE wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uthi usekhathele ukungcwaba amaphoyisa ngoba akasiyo inkampani yabangcwabi.

Ekhuluma eMurchison, ePort Shepstone, enkonzweni yomngcwabo wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa (39) obesebenza kwiSpecial Task Force osale enkundleni amaphoyisa kade etholene phezulu nezigebengu ebezizama ukubamba imoto yemali ngaKwaHlabisa ngeledlule.

UCele uthe amaphoyisa awazivikele ezigebengwini uma ziwahlasela ukuze kugwemeke indaba yemingcwabo.

“Ngikhathele ngempela ukungcwaba amaphoyisa futhi angisathandi ngoba angisiye * -Avbob mina,” kusho uCele.

Uthe yize izigebengu zinamalungelo, namaphoyisa angabantu nawo anamalungelo.

“Izigebengu zisuke zingaphethe imishayelo uma ziganga, namaphoyisa kumele abhekane nazo ngendlela efanele,” kusho uCele.

UCele unike amaphoyisa amahora angu-24 ukuthi abambe abasolwa abathathu abasagcwele emathafa abebeyingxenye yezigebengu ebezizama ukubamba imoto yemali.

“Siyazazi lezi zigebengu esizifunayo, sisezithendeni zazo, ukuthi nje asifuni ukukhuluma ngazo kakhulu,’’ kusho uCele.

Izigebengu eziyisikhombisa zisale enkundleni ngemuva kokuthelwa othulini ngenhlamvu ngamaphoyisa. Mabili amaphoyisa ashone kulesi sehlakalo kubalwa noMusa.

“Ukhona omunye umsolwa osesibhedlela esithemba ukuthi uzosiza kakhulu ekuphenyeni leli cala,” kusho uCele.

AMALUNGU omndeni wephoyisa uWarrant Officer Sfundo Musa obulawe yizigebengu ebezizama ukubamba imoto yemali KwaNongoma ngeledlule

Bekunomunyu emngcwabeni kaMusa njengoba kade ekhala kakhulu amalungu omndeni wakhe.

Umfowabo kamufi, uMnuz Sizwe Musa, uthe umfowabo ubewusizo kakhulu emndenini futhi enephupho lokuthuthukisa umndeni.

“Silimele kakhulu ngomfowethu, kuzophazamiseka izinto eziningi ngokushona kwakhe,” kusho uMusa.

Uthe yize umfowabo kade ehlale engekho ekhaya ngenxa yomsebenzi kodwa uma efikile bekuba mnandi ngoba ubehlale eletha injabulo.

Umufi ushiye emhlabeni ingoduso yakhe nezingane ezinthathu.