BONISWA MOHALE
USIHLALO wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu kuMasipala weTheku uMnuz Thanduxolo Sabelo, uzwakalise ukukhathazeka ngokudayiswa kwezindlu zomxhaso uhulumeni asuke ezinike abantu.
USabelo uthe abantu baseNingizimu Afrika badinga ukufundiswa ngokubalulela kokuba nekhaya elinatayitela nokuthi njalo ngonyaka intengo yalo iyanyuka.
“Kungiphatha kabi ukubona imizi yaseCornubia idayiswa kwi-internet ekubeni uhulumeni esebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu banezindlu. Kusafanele abantu bakithi bafundiswe ngokubaluleka kokuba nekhaya netayitela. Uhulumeni usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu banezindlu ezithi bona ngakho ukuzibona sezidayiswa akusiphathi neze kahle,” kusho uSabelo.
Ucele abantu abanezindlu zomxhaso ukuthi bangalokothi bazidayise ngoba uhulumeni usuke enzela bona ukuthi babe nezindlu.
USabelo ubekhuluma emcimbini weMotheo Group obuseCornubia ngoLwesihlanu.
Uveze ukuthi uMasipala weTheku uyaziqhenya kakhulu ngentuthuko yaseCornubia ngoba ifana nentuthuko eyenzelwa omntakani abahlala kuma-Estate.
“Eminyakeni embalwa ezayo imizi yalapha eCornubia izobe isibiza izigidi zamaRandi ngoba kuningi esikuletha lapha. Yindawo ozohlala kuyo, usebenze ubuye ufunde kuyo. Kumanje iMotheo yakha isikole, inkulisa, ihholo, izinkundla zemidlalo nomtholampilo. Abantu kufanele baqonde ukuthi izindlu zalapha azikwazi ukushintshwa indlela eziyiyona ngoba zifana nezakwi-Estate. Awukwazi ukuvele uyidayise nje kalula,” kusho uSabelo.
Ucele abantu ukuthi kunokuthi badayise izindlu zaseCornubia kungcono barentise ngazo ngoba akufanele nje uhulumeni akunike indlu bese uyayidayisa.