UGXEKA isenzo sezigebengu sokuphendula izikole zaseKZN, izinkundla zokudlalela kuzona ngokugqekeza ziphindelela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer.
UNkk Frazer ukhala ngesehlakalo sokugqekezwa kabili kulandelana esikoleni iTinley Manor Primary, esifundeni iLembe.
Isikole sigqekezwe okokuqala ngoLwesithathu olwedlule, lapho izigebengu zifike zashaqa izinto ezehlukene okubalwa nezindondo zabafundi.
UNkk Frazer uthe izigebengu zingene ngophahla zafike zazitapela empahleni yesikole.
“Ziphinde zagasela futhi ngoLwesihlanu ebusuku, lapho zifike zathatha o-ink bama-printer, i-sound system kanjalo nemali ebise-tuckshop. Bakhona abathathu esizwe kuthiwa baboshiwe ngalezi zehlakalo,” kuchaza uNkk Frazer.
Uthe amaphoyisa akwazile ukuthola ezinye izimpahla ebezebiwe emizini eseduzane nesikole. Ungqongqoshe uzibophezele ekuthenini uzosibiya isikole wathi sizothola nemali yaso maduzane.
“Sizothola nemali eyaziwa nge-norms and standards ezosiza abaphathi ukuthi baqinise ezokuphepha. Kuyasikhathaza ukuthi izikole zethu seziphenduke indawo lapho izigebengu zidlalela khona.”
Unxuse umphakathi ukuthi uzivikele izikole usebenzisane namaphoyisa ukuze kunqandwe ukugqekezwa kwazo.
Sezikhale kakhulu izinyunyana zothisha ngokungabiywa kwezinye zezikole kanjalo nangokungafakwa kwemali yama-norms and standards okwenza izikole zingakwazi ukusebenza ngendlela.
Lezi zinyunyana zikhala ngokuthi othishanhloko kudingeka basebenzise imali yabo uma bephethe izikole ngenxa yokuthi umnyango awuyifakile imali.
UNkk Frazer neNhloko yoMnyango uMnuz Nathi Ngcobo bahlale bekhala ngokushoda kwenkece emnyangweni okwenza bangakwazi ukuvala izikhala zothisha abasuke beyobeletha noma abagulayo.
Bakhala nangokuthi abanayo ngisho imali yokuqasha abasebenzi basemahhovisi ngenxa yakho ukushoda kwemali njengoba ingeneli zonke izidingo imali yesabelo abasithola ngonyaka.