KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo namhlanje owesilisa waseVerulam obize umengameli wakuleli, uMnuz Cyrl Ramaphosa, ngegama lokucwasa abantu abamnyama eliqala ngo-K, kwivideo esabelele ezinkundleni zokuxhumana.
UMnuz Kessie Nair kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi ePhoenix ngemuva kokuboshwa oKlebe ngoLwesithathu.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe uNair uvulelwe icala lokudicilela phansi isithunzi nokuphehla udlame.
“Uboshwe ngemuva kokuvulwa kwecala ngoLwesithathu, uzovela enkantolo yemantshi ePhoenix. Kulindeleke ukuthi kube khona amanye amacala azothweswa wona uma umsolwa esevela enkantolo,” usho kanje.
Owayeyikhansela emkhandlwini weTheku futhi olwela amalungelo omphakathi eChatsworth, uMnuz Brandon Pillay, uthe nguye ovulele uNair icala futhi usazombika nakwiSA Humans Rights Commision. UPillay uthe uNair uqale ngokubhala imibhalo ecwasayo ekhasini lakhe kuFacebook ngaphambi kokuthi afake iVideo,
“Sifisa abantu bazi ukuthi inkulumo yakhe ayimele abomdabu waseNdiya kuleli,” kusho uPillay.
Kwivideo ayifake kuFacebook uNair uzwakala ebiza uRamapahosa ngegama eliqala ngo-K izikhawu eziningana, emsola ngokucindezela abantu bakuleli. Ngasekugcineni uyaqhubeka acwase abantu abamnyama ababize ngezinkawu nezimfene.