Wandile Ngcobo
Image: Supplied
UKHALE ngo-R500 000 wakhe osebhange, athe ngeke akwazi ukufinyelela kuwo ukuze aqhubeke nokondla izingane zakhe uSfundo Bhengu (40), ezicelela ejajini laseNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo, ukuthi limshaye ngoswazi oluncane.
UBhengu noBongani Jali (28), abanikwe ithuba lokuthi bazikhalele ukuze bathole izigwebo ezincane, balahlwe yicala lokugwaza babulale umfundi waseDurban Girls Secondary ngoMeyi, ngonyaka odlule.
UWandile Ngcobo (17), owayefunda uGrade 11 ngesikhathi ebulalwa, wahlaselwa yilaba ababili esele yedwa kubo.
Kuthiwa bangena kubo bantshontsha impahla okwakukhona kuyo ithelevishini, iselula, i-decoder ye-DStv base begwaza bebulala umufi, abambopha nge-pantyhose izandla, izinyawo nomlomo.
Mathathu amacala abebhekene nawo, kuwona kukhona elokubulala, elokugqekeza nelokubamba inkunzi ngaphansi kwezimo ezinzima.
UBhengu okuthiwa wayengumakhelwane kamufi, uveze ukuthi unezingane ezinhlanu ezisencane, ezingasakutholi ukunakekelwa kahle kulandela ukuboshwa kwakhe.
“Uma ngigwetshwa udilikajele, konke lokhu ebese ngizame ukukwakha ngesikhathi ngisengaphandle kuzoshabalala. Ngicabanga nangezingane zami, bengizondla ngemali ye-renti kodwa ngizwa kuthiwa umphakatthi wazixosha iziqashi, lokhu kusho ukuthi ayisekho imali yokondla izingane zami,” kusho uBhengu. Nginayo imali esebhange engu-R500 000 kodwa angikwazi ukuyikhipha njengoba ngiboshiwe,” kusho uBhengu.
Kuvele ukuthi le mali okuthiwa iyisamba asinikwa yiRoad Accident Fund, kulandela ukulimala engozini ngo-2019, ingene ebhange esevele eboshiwe.
Kuthiwa ingeyesibili njengoba kukhona esinye isamba esike sangena phambilini, okuthiwa wasibhubhudla nabangani ngezidakamizwa.
Kuvele nokuthi izihlobo zakhe, okukhona kuzo abazali nezingane zakwabo bashona ngesikhathi elokhu engena ephuma ejele ngamacala ehlukene obugebengu.
UJali yena ubelokhu ekhale njalo ngokuthi akazange abulale.
Ube esecela ukuthi bahlukaniswe noBhengu ngoba ukuthola kunzima ukuthi alokhu ehleka ubala nomuntu okuze kwafikwa ekugcineni engafuni ukuveza iqiniso lokuthi yena akazange ambulale umfundi.
Umshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah, uthe kuyamangaza ukuthi ngaso sonke isikhathi uma abalahlwe ngamacala sebezicelela isigwebo esincane, bavele bagijimise phambili indaba yezingane zabo.
Ebuza ijali, ogcine ebaleke njalo nempendulo yombuzo ukuthi, “Emalini enahlukaniselana yona, ikhona owayihlephula wayiyisa enganeni?”
Uphinde wathi kuyamangaza ukuthi izigebengu uma zithola imali yobugebengu ziyibhubhudla ezintweni eziqondene nazo njengezidakamizwa, zingacabangi ngezingane ezibe seziveza ukuthi zinazo uma sezilengelwa yizembe lesigwebo.
Ngasekupheleni kokuzinxusela kwabo, iJaji uGarth Harrison, lithe kuyamangaza ukuthi kuze kwafika ekugcineni engekho kubo ophumela obala, asho ukuthi wuye owamgwaza wambulala umufi.
“Lokhu kudweba isithombe sokuthi anizisoli nhlobo ngecala enilenzile,” kusho uHarrison.
Laba bagwetshwa namuhla.
Related Topics: