Izindaba

Ukhale 'ngamaphoyisa angamazambane abolile' kwelikaMagaqa

Nkosikhona Cele|Published

Amaphoyisa

Image: Sigciniwe

ISISHOSHOVU esiphambili ekulweni nokutholakala komnyombo wokubulawa kukaMnuz Sindiso Magaqa, uMnuz Thabiso Zulu, ukhale ngamaphoyisa athe angamazambane abolile futhi ayishaya emuva ayishaye phambili okwenza kube lukhuni satshe ukuwathemba. UZulu usho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngemuva kwengonyuluka eyenziwe yinkabi ivuma icala, uSibusiso Ncengwa.

Egonyuluka ngakho konke okwenziwa uNcengwa, kukhona lapho aveza khona ngokusobala ukuthi babekade belekelelwa ngamaphoyisa. Lokhu uZulu uyakuhlaba ukuthi kungathiwa kwenziwa ngabantu abangamaphoyisa.

Ubuze ukuthi nhloboni yamaphoyisa lawa amdibimunye nezinswelaboya? Uthe kuyacaca ukuthi akuselula manje ukuthemba amaphoyisa ngenxa yokwenza kwawo okuletha olukhulu ungabazane.

"Indlela amaphoyisa enza ngayo iyethusa kakhulu. Kuyaxaka ukuthi kungavela igama lamaphoyisa kangaka ekubuleweni kukaMagaqa. Lokhu kukutshela ngokusobala ukuthi konakale kangakanani,'' usho kanje.

Uthe okudidayo ukuthi lawa akusiwona nje amaphoyisa ajwayelekile kodwa ngamaphoyisa eqophelo eliphezulu. Uqhube wathi kuvele kuthuse kakhulu ukuthi nesibhamu i-AK47, eyasetshenziswa kulokhu kusoconga, yatholakala ngosizo lwamaphoyisa.

''Konke lokhu kukushiya udikibele, uzibuza uziphendula ngodaba lwamaphoyisa ethu,'' usho kanje.

Uthe sekusobala manje ukuthi kuyithikithi lokuya ezulwini ukulwa nenkohlakalo kuleli zwe.

''Uma ufuna ukusheshe ugoduke uye ezulwini, yilwa nenkohlakalo nakanjani uzohamba emhlabeni akugeji. Umbuzo ke uthi ngabe kumele kube njalo yini?''

Mayelana namagama abantu avelile ngesikhathi inkabi yenza ingonyuluka, uthe kungaba yinto enhle kakhulu uma kungaqinisekiswa ukuthi bonke bagcina bejezile ngokubandakanyeka ekubulaweni kukaMagaqa. Ugcizelele kakhulu ukuthi lawa magama avelile afakazela ngokusobala ukuthi umkhuba usekhaya, amazambane abolile angaphakathi kwi-ANC.

UNcengwa udalule ukuthi bathenjiswa u-R120 000 nethenda ngaphezulu uma umsebenzi bewenze kahle wokusoconga uMagaqa. Uveze ukuthi ngo-2023, waxhumana nomndeni kaMagaqa ecela uxolo kuwona, wawazisa nokuthi uzolivuma icala ebese enikeza inkantolo ubufakazi.

UMagaqa owake waba ngumholi wophiko lwabantu abasha be-ANC, wadutshulwa ngo-2017, ephuma emhlanganweni wamakhansela. Washona emuva kwesikhathi esesibhedlela.

Ekhuluma neSolezwe unina kaMagaqa, uNkk Khethiwe Magaqa, uthe uNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi kungani kwahlanganiswa uzungu lokubulawa kwakhe. UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, naye uphawulile ngalolu daba izolo, waveza ukuthi kumele luqhubeke uphenyo ukuze bajeze abathintekayo kulona.