USEDUBE ukucula emicimbini ye-ANC umculi ozizamelayo okhala ngokuthi leli qembu liyamsebenzisa lingamniki imali yakhe, limkhohlise ngamakinati ekubeni abanye abaculi bethola izindodla.
UGamelihle Mbuyazi odabuka eMpumalanga uthi ungumqambi wamaculo adumile okukhona kuwona elithi Asinavalo elithandwa kakhulu kuKhongolose.
Uthi udansa nezikhulu ze-ANC aze akhase phansi ajuluke kodwa lutho imali. UMbuyazi uthi kuvele kwathi akazisakaze phansi ezwa ukuthi kunomculi waseGoli osanda kunikwa yi-ANC uR6 million ngokuqopha izingoma zayo yena ebe ezamula aze acwebe izinyembezi yindlala.
Leli ciko likhala ngokuthi lixhashazwa ngoba lidabuka eMpumalanga.
“Ngeke ngisaya kulabo uma benemicimbi ngoba bangixhaphaze kakhulu ekubeni ngiyilungu le-ANC lokuqina.
“Izingoma zami zidume yonke indawo, ngingenisa umengameli esiteji ngiphinde ngimkhiphe nginandise. Bavele banginike leyo mali ethandwa yibona ngaleso sikhathi, manje ngiyayifuna le mali yonke abangikweleta yona,’’ kuchaza uMbuyazi.
Uthe ugcine ezwa amahemuhemu okuthi bamjezisela ukuthi ungumuntu kaMnuz Jacob Zuma ngoba wayedansa naye emsiza emikhankasweni yakhe.
Ubekhuluma aze anqanyukelwe wumoya ezwakala ukuthi iyamdina le ndaba.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uMnuz Pule Mabe othe ebamba ucingo waqala ngokuthetha engakabuzwa lutho, usole izintatheli ngokumjoja ngezingcingo ubusuku nemini.
Uthe maqondana nodaba, le nsizwa ekhalayo ayibhalele ihhovisi likazwelonke kwi-ANC, ifake isikhalo.
“Ukuthi ngiyamazi noma angimazi umculi ngeke kumsize athole imali yakhe. Abantu abaningi bavele bafike bacele ukucula bengasayine lutho olusemthethweni bese behamba bekhala bethi asibakhokheli. Uma bukhona ubufakazi bokuthi samqasha akabulethe kithina,’’ kubhoka uMabe.
UMbuyazi uthe i-ANC iqhubeka nomkhuba wayo wokusebenzisa abantu ibalaxaze okwenyongo yenyathi.
Uthe yena ubengasebenzi ne-ANC njengomculi kodwa ubesebenza njengengane yabo ekhulele kuyo.