IHHOTELA eliphambili iThe V&A Waterfront, eliseKapa, kuthe ngoMsombuluko laveze ukuthi lisaphenya ngezinsolo zokucwaswa ngokwebala okuthinta umholi weDA noyilunga lephalamende nomndeni wabamhlophe.
UNkk Phumzile van Damme ubhale kuTwitter ukuthi ubhekane nesimo sokucwaswa wabe eseshaya ngequpha ebusweni omunye obemhlasela, ezivikela.
“Lo wesifazane ubelokhu engiqopha i-video, ngizamile ukuthatha izithombe kodwa loma***mba obegqoke isikibha esimnyama uze ebusweni bami wathi F**g wena muntu omnyama. Ube sejikijela ifoni yami phansi. Ubengisabisa ngodlame, ngizivikele ngokuthi ngimfake iqupha ekhanda,” kusho uNkk Van Damme kuTwitter.
Emuva kokuba kube nengxabano nalo mndeni, uNkk Van Damme ube esefaka ivideo yakhe ekhuluma nemenenja yonogada nathe ayizange alusukumele phezulu lolu daba.
Uthe ngokwakhe bekumele kuthathwe imininingwane yakhe, eyomndeni othintekayo bese bexolisa kuyena ngokwenzekile. Kodwa uthe uphoxekile ngoba imenenja ayizange yenze nokukodwa kwalokhu. Uthe kazange amphathe kahle, wamtshela ukuthi akahambe. Uthe ube esehamba.
Okhulumela i-V&A Waterfront uMnuz Donald Kau uthe baxhumene no-Nkk Van Damme emuva kokuzwa ngalesi sigameko.
“Sitholene naye ukuze sizwe ukuthi kwenzakaleni. Sisakhuluma nabo bonke abantu abathintekayo, ngisho nomphathi wonogada ukuze sizothola umbiko. Sizobheka ne-video,” kusho uKau.
“Noma isiphi isimo sokucwasa, siyinto esikhathazayo. Isigameko sokulwa noma sokucwasa singaholela ekuxoshweni unomphela kwalowo othintekayo, kulesi sakhiwo,” kusho uKau.